Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsAmbulo 11:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: Imibuso yalelizwe isibe imibuso yeNkosi yethu, lekaKristu wayo; futhi iyakubusa kuze kube phakade naphakade.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

15 Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: Imibuso yalelizwe isibe imibuso yeNkosi yethu, lekaKristu wayo; futhi iyakubusa kuze kube phakade naphakade.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsAmbulo 11:15
54 Iomraidhean Croise  

UJehova ufungile engayikuzisola: Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.


UJehova uyakubusa njengenkosi kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Dumisani uJehova.


Amakhosi omhlaba azilungisile, nababusi benza icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe, bathi:


Yebo, onke amakhosi ayakuwa phambi kwakhe; zonke izizwe ziyakumkhonza.


Vuka, Nkulunkulu, wahlulele umhlaba, ngokuba wena uyakudla ifa lezizwe zonke.


Zonke izizwe ozenzileyo zizakuza zikhuleke phambi kwakho, Nkosi; njalo ngizakhazimulisa ibizo lakho.


INkosi izabusa njengeNkosi kuze kube nininini.


Kuyakuthi ngalolo suku kukhale icilongo elikhulu, bafike abase-Asiriya abaxoshwa ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.


Hlabelelani nina mazulu! ngokuba uJehova ukwenzile; thokozani nina zingxenye eziphansi zomhlaba. Jabulani nina zintaba, hlathi, nemithi yonke ekulo, ngokuba uJehova umhlengile uJakobe, wamkhazimulisa kwa-Israyeli.


Bheka, uyakubiza isizwe ongasazi, nezizwe ezazingakwazi ziyakugijimela kuwe ngenxa kaJehova uNkulunkulu wakho nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli; ngoba Udumisile.


Ukwanda kokubusa nokuthula akuyikuphela, esihlalweni sobukhosi sikaDavide naphezu kombuso wakhe, ukuze umiswe futhi uqiniswe ngokulunga nangobulungisa kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakukwenza.


Jehova, mandla ami, nenqaba yami, nesiphephelo sami ngosuku lwenhlupheko, abezizwe bayakuza kuwe bevela emikhawulweni yomhlaba, bathi: Obaba badla ifa lamanga, okuyize, nezinto ezingenakusiza.


Bayakuhlala ezweni engalinika inceku yami uJakobe, ababehlala kulo oyihlo; bayohlala kulo, bona nabantwana babo nabantwana babantwana babo kuze kube phakade; inceku yami uDavida izakuba ngumbusi wabo kuze kube nininini.


Walinganisa inkulungwane; futhi kwakungumfula engingeke ngiwuwele, ngoba amanzi ayephakama, amanzi okubhukuda kuwo, umfula owawungemulelwa.


Yanikwa ukubusa, nenkazimulo, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wakhe ongayikuchithwa.


Kepha abangcwele boPhezukonke bayakuthatha ubukhosi, badle umbuso kuze kube phakade naphakade.


kwaze kwafika oMdala wezinsuku, bahlulelwa abangcwele boPhezukonke; futhi safika isikhathi sokuthi abangcwele bathathe umbuso.


Umbuso, nokubusa, nobukhulu bombuso phansi kwezulu lonke kuyakunikwa abantu abangcwele boPhezukonke, ombuso wakhe ungumbuso ophakade, nakho konke ukubusa kuyakumkhonza, kumlalele.


Ngiyakuhlwanyela yena emhlabeni; ngiyakuba nomusa kongahawukelwanga; ngiyakuthi kwabangebona abantu bami: Ningabantu bami; futhi bayothi: Wena unguNkulunkulu wami.


Abasindisi bayokhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuze bahlulele intaba ka-Esawu; futhi umbuso uyakuba ngokaJehova.


Ngiyakwenza abaphukileyo babe yinsali, nabakude babe yisizwe esinamandla; uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni kusukela manje kuze kube phakade.


UJehova uyakuba yinkosi phezu komhlaba wonke: ngalolo suku kuyakuba munye uJehova, negama lakhe libe linye.


Izizwe eziningi ziyakuhlangana noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu kimi; ngiyakuhlala phakathi kwenu, nazi ukuthi uJehova Sebawoti ungithumile kini.


Ngoba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekutshoneni kwalo ibizo lami lizakuba likhulu phakathi kwezizwe; nasezindaweni zonke kuyoshiselwa igama lami umnikelo ohlanzekile, ngokuba igama lami liyakuba likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.


Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.


Uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade; nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.


Kanjalo, ngithi kini: Kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.


Esefikile ekhaya, abizele ndawonye abangani bakhe nomakhelwane, athi kubo: “Thokozani nami; ngoba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.


Amakhosi omhlaba asukuma, nababusi babuthana ndawonye ngokumelene neNkosi noKristu wayo.


Kodwa eNdodaneni uthi: Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade laphakade, intonga yokulunga intonga yombuso wakho.


Kepha emihleni yezwi lengelosi yesikhombisa, nxa iqala ukubetha icilongo, imfihlakalo kaNkulunkulu iyakupheleliswa, njengalokho azishumayeza izinceku zakhe abaprofethi.


Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: Manje isifikile insindiso, namandla, nombuso kaNkulunkulu wethu, namandla kaKristu wakhe; ebusuku.


Ngubani ongayikukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? ngokuba wena wedwa ungcwele, ngokuba zonke izizwe ziyakuza, zikhuleke phambi kwakho; ngoba izahlulelo zakho zibonakalisiwe.


Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni; kwavela izwi elikhulu ethempelini lasezulwini, livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.”


Laba bayakulwa neWundlu, kepha iWundlu liyakubanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi, neNkosi yamakhosi;


Emva kwalokho ngezwa izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, nodumo, namandla, makube eNkosini uNkulunkulu wethu;


Ngezwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, kungathi izwi lamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okukhulu, lithi: “Haleluya!


Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlezi phezu kwazo, banikwa ukwahlulela; ngase ngibona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi bukaJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nabangazange bakhulekele isilo noma isilo. Umfanekiso wakhe, bengalutholanga uphawu emabunzini abo, noma ezandleni zabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.


Ingelosi yesine yayisibetha, kwase kushaywa ingxenye yesithathu yelanga, nengxenye yesithathu yenyanga, nengxenye yesithathu yezinkanyezi; njengokuba ingxenye yesithathu yazo yaba mnyama, nengxenye yesithathu yemini ayikhanyi, nobusuku ngokunjalo.


Ingelosi yesihlanu yayisibetha; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo sakwalasha.


Ingelosi yesithupha yayisilukhalisa, ngezwa izwi livela ezimpondweni ezine ze-altare legolide eliphambi kukaNkulunkulu.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan