Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




Esteri 6:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Le ngubo nehhashi makunikezwe esandleni sesinye sezikhulu zenkosi ezihlonipheke kakhulu ukuba zigqokise umuntu inkosi ethanda ukumdumisa ngayo, zimlethe ngehhashi ezitaladini zomuzi, zimemeze phambi kwakhe, Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu inkosi ethanda ukumdumisa.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 isambatho nehhashi makunikezwe esandleni sesinye sezikhulu ezidumileyo ukuba zimembathise lowo muntu inkosi ethanda ukumdumisa, zimkhwelise ehhashini esigcawini somuzi, zimemeze phambi kwakhe ngokuthi: ‘Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.’ ”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

9 bese kuthi esinye sezikhulu zakho eziqavile, simgqokise ingubo lowo muntu inkosi efuna ukumdumisa, simgibelise ehhashini, simhole siye naye eshashalazini lomuzi. Uma sesifike lapho siyomemezela, sithi: ‘Kuyokwenziwa kanje kumuntu inkosi efuna ukumdumisa!’ ”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




Esteri 6:9
5 Iomraidhean Croise  

Wamkhwelisa enqoleni yesibili ayenayo; bamemeza phambi kwakhe, bathi: Guqani, wambeka umbusi phezu kwelizwe lonke leGibhithe.


Inkosi yathi kuHamani: “Shesha uthathe ingubo nehhashi njengokusho kwakho, wenze njalo kumJuda uMoridegayi ohlezi esangweni lenkosi; ungavimbi lutho kukho konke okukhulumile.


Lapho uHamani engena, inkosi yathi kuye: “Makwenziweni ngomuntu inkosi ethanda ukumdumisa na? UHamani wasesithi enhliziyweni yakhe: Inkosi ingathokoza bani ukudumisa ngaphandle kwami?


Jabula kakhulu, ndodakazi yaseZiyoni! khala, ndodakazi yaseJerusalema! Bheka, iNkosi yakho iza kuwe; Ulungile futhi unensindiso; ithobekile, igibele imbongolo, ithole lethole.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan