Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




Esteri 3:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Emva kwalokho inkosi u-Ahashiveroshi yamphakamisa uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yabeka isihlalo sakhe phezu kwezikhulu zonke ezazinaye.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Emva kwalezo zinto inkosi, u-Ahashiveroshi, yamenza mkhulu uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yamisa isihlalo sakhe phezu kwazo zonke izikhulu ezazinayo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

1 Emveni kwalezo zinto, inkosi u-Ahasheveroshi yaqokela esikhundleni esiphezulu uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, yamenza umengameli wazo zonke izikhulu ezikanye naye.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




Esteri 3:1
15 Iomraidhean Croise  

Wena uyakuba phezu kwendlu yami, futhi njengezwi lakho bonke abantu bami bayobuswa; esihlalweni sobukhosi kuphela ngizakuba mkhulu kunawe.


Izwe lonke laseGibithe labulawa yindlala, abantu bakhalela ukudla kuFaro; uFaro wathi kubo bonke abaseGibithe: “Yanini kuJosefa; yenza lokho akutshela khona.


Ngokuba uthunywe yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa ukuba uhlole uJuda neJerusalema ngokomthetho kaNkulunkulu wakho osesandleni sakho;


Eceleni kwakhe kwakukhona oKarsena, noSethari, no-Admatha, noTarsisi, noMeresi, noMarsena, noMemukani, izikhulu eziyisikhombisa zasePheresiya naseMediya, ezabona ubuso benkosi, zaba ngabokuqala ukuhlala embusweni.


Inkosi yasikhupha indandatho yayo esandleni sayo, yayinika uHamani indodana kaHameda umAgagi, isitha sabaJuda.


UHamani wabalandisa ngenkazimulo yengcebo yakhe, nangobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi eyamkhulisa ngakho, nokuthi uziphakamisile ngaphezu kwezikhulu nezinceku zenkosi.


U-Esteri wathi: “Isitha nesitha nguHamani lo omubi.” Khona-ke uHamani wesaba inkosi nendlovukazi.


U-Esteri wabuye wakhuluma phambi kwenkosi, wawa ngasezinyaweni zayo, wayincenga ngezinyembezi ukuba isuse ububi bukaHamani umAgagi, necebo lakhe ayelicebe ngamaJuda.


Ababi bagijima nxazonke, lapho abanamahloni kakhulu bephakeme.


Lapho olungileyo enegunya, abantu bayajabula; kepha lapho omubi ebusa, abantu bayalila.


Ubuwula bubekwa endaweni ephakemeyo, nabacebileyo bahlala phansi.


Lalaba ngabongameli abathathu; uDaniyeli wayengowokuqala kubo, ukuze izikhulu ziphendule kubo, inkosi ingabi nangozi.


Amanzi ayakuthulula ezitsheni zakhe, imbewu yakhe ibe semanzini amaningi, inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi, nombuso wakhe uphakame.


USamuweli wasesithi: Njengalokhu inkemba yakho yenza abesifazana bangabi nabantwana, ngokunjalo unyoko uzakwaphucwa abantwana phakathi kwabesifazana. USamuweli wahlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.


Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki ephila, wababulala bonke abantu ngosiko lwenkemba ngesiqalekiso.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan