Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 139:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuba uzithathile izinso zami, wangembesa esiswini sikamame.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokuba wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

13 NguWena owenza izinso zami, wangiphica ngisesesibelethweni sikamame.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 139:13
10 Iomraidhean Croise  

Owangenza esiswini akamenzanga na? futhi akasibumbanga namunye esiswini sikanina?


JOD. Izandla zakho zangenza, zangibumba; ngiphe ukuqonda, ukuze ngifunde imiyalo yakho.


Ngaphakanyiswa ngawe kwasesiswini sikanina; Nguwe owangikhipha esizalweni sikamame; kuwe kuyakuba yindumiso yami njalo.


Wozani sikhuleke, sikhothame; masiguqe phambi kukaJehova uMdali wethu.


Usho kanje uJehova owakudalayo, wakubumba kwasesiswini, yena oyakusiza; Ungesabi, Jakobe, nceku yami; nawe Jeshuruni, engikukhethileyo.


Ngizwe, wena ndlu kaJakobe, kanye nayo yonke insali yendlu ka-Israyeli, enanithwala kwasesiswini, enanithwalwa kwasesiswini.


Ngingakakubumbi esizalweni, ngakwazi; ungakaphumi esizalweni, ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.


Uma umzimba wonke ubuliso, ukuzwa ngabe kuphi? Uma wonke ubuwukuzwa, ukuhogela ngabe kuphi?


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan