Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 10:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; izizwe zabhubha ezweni lakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

16 USimakade uyobusa ingunaphakade, abezizwe babhujiswe ezweni lakho.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 10:16
20 Iomraidhean Croise  

Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nenkazimulo, nokunqoba, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; umbuso ungowakho, Jehova, futhi uphakeme uyinhloko phezu kwakho konke.


Umbuso wakho ungumbuso waphakade, nombuso wakho uzizukulwane ngezizukulwane.


UJehova uyakubusa njengenkosi kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Dumisani uJehova.


INkosi ihlezi phezu kukazamcolo; yebo, uJehova ubusa kuze kube phakade.


Waxosha izizwe phambi kwabo, wabahlukanisela ifa ngomugqa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


Abezizwe bacwila emgodini ababewenzile; enetheni bacasha, olwabo unyawo lwabanjwa.


Ukhuzile abezizwe, wababhubhisa ababi, igama labo walesula kuze kube phakade naphakade.


Uyakwahlulela izwe ngokulunga, ahlulele abantu ngokulunga.


UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe amandla, azibhincile; nezwe lilungisiwe, ukuze linganyakaziswa.


INkosi izabusa njengeNkosi kuze kube nininini.


Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova unguMniki-mthetho wethu, uJehova uyinkosi yethu; uzosisindisa.


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilayo, neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, nezizwe aziyikuthwala ukufutheka kwakhe.


Wena Jehova, uphila kuze kube phakade; isihlalo sakho sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina, Nebukadinesari, ngaphakamisela amehlo ami ezulwini, nokuqonda kwami kwabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamdumisa yena ophila kuze kube phakade, ombuso wakhe ungumbuso ophakade, nokubusa kwakhe kungokwesizukulwane ngezizukulwane;


Ngikhipha umyalo wokuba abantu kuyo yonke imibuso yombuso wami bathuthumele futhi besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngoba unguNkulunkulu ophilayo nogxilile kuze kube phakade, nombuso wakhe ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyolingana. Kuze kube sekupheleni.


Njengezizwe uJehova azichitha phambi kwenu, niyakubhubha kanjalo; ngoba awulilalelanga ilizwi le Nkosi uNkulunkulu wakho.


Kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, engabonakali, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan