Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AbAhluleli 2:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo ngokubi, njengokukhuluma kukaJehova nanjengoba uJehova wayebathembisile ngesifungo; bakhathazeka kakhulu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

15 Noma yinini lapho bephuma impi, isandla sikaSimakade sasimelana nabo ukubehlisela okubi, njengalokhu uSimakade ayebaxwayisile wafunga kubo, babekhathazekile kakhulu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AbAhluleli 2:15
19 Iomraidhean Croise  

Lapho uRehobowamu ebuqinisa ubukhosi, eziqinisa, washiya umthetho kaJehova, no-Israyeli wonke kanye naye.


Uma leso sizwe engikhulume ngaso siphenduka ebubini baso, ngiyakuzisola ngobubi ebengicabanga ukubenza kuso.


Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, usho uJehova; liyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, futhi iyolishisa ngomlilo.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngibhekise ubuso bami kini ukuba ngenze okubi, ngichithe wonke uJuda.


Bheka, ngiyabalinda kube kubi, kungabi kuhle; bonke abantu bakwaJuda abasezweni laseGibithe bayakuphela ngenkemba nangendlala, baze baqedwe.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bhekani, ngiceba okubi ngalesi sizukulwane eningayikukhipha kukho izintamo zenu; futhi akumelwe uhambe ngokuzidla, ngoba lesi sikhathi sibi.


Siyabandezelwa nxazonke, nokho asicindezelwe; siyaxakeka, kodwa asidangali;


Kodwa umprofethi ozidlayo ukuba akhulume izwi egameni lami engingamyalanga ukuba alikhulume, noma oyakukhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi naye uyakufa.


Ngaphezu kwalokho, abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuze nabo balwe noJuda noBhenjamini kanye nendlu ka-Efrayimi; u-Israyeli wacindezeleka kakhulu.


Ubungahlala yini labo baze bakhule? ungakujabulela ukuba namadoda? Cha, madodakazi ami; ngoba kubuhlungu kakhulu kimi ngenxa yenu ukuthi isandla sikaJehova siphumele phezu kwami.


Kepha uma ningalilaleli izwi likaJehova, nihlubuke emyalezweni kaJehova, isandla sikaJehova siyakumelana nani, njengalokho samelana nawoyihlo.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi baswele (ngokuba abantu babecindezelekile), abantu bacasha emihumeni nasemahlozini nasemadwaleni naseziqongweni nasemigodini.


Abantu bakwa-Israyeli bacindezelwa ngalolo suku, ngokuba uSawule wabayala abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla noma yini kuze kuhlwe, ukuze ngiziphindiselele ezitheni zami. Ngakho kakho ebantwini owanambitha ukudla.


UDavide wacindezeleka kakhulu; ngoba abantu babekhuluma ukumkhanda ngamatshe, ngoba imiphefumulo yabantu bonke yayinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa ngoJehova uNkulunkulu wakhe.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan