Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




2 Samuweli 3:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 ukuguqula umbuso wendlu kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 kudluliswe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

10 ukuba kuthathwe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide, phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




2 Samuweli 3:10
9 Iomraidhean Croise  

Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi; nokuthi uziyele wena empini.


Inkosi yasisithi kuJowabi induna yebutho eyayilaye: Hamba khathesi ezizweni zonke zakoIsrayeli, kusukela koDani kusiya eBherisheba, ubale abantu, ukuze ngazi umumo wabantu.


Wayengenakumphendula u-Abineri nelinye izwi, ngokuba wayemesaba.


U-Abineri wayesethi kuDavide: “Ngiyakusuka, ngihambe ngibuthele wonke u-Israyeli enkosini yami, inkosi, benze isivumelwano nawe, ubuse phezu kwakho konke okufiswa yinhliziyo yakho. UDavide wammukisa u-Abineri; wahamba ngokuthula.


OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yabuthana njengomuntu munye kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


USamuweli wasesithi kuye: Lamuhla uJehova udabule umbuso wakoIsrayeli kuwe, wawunika umakhelwane wakho ongcono kulawe.


UJehova wenza kuye njengokukhuluma kwakhe ngesandla sami, ngokuba uJehova wahlwitha umbuso esandleni sakho, wawunika umakhelwane wakho uDavide.


Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe umprofethi kaJehova.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan