Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




2 Samuweli 22:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswe ngakho.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

9 Kwaphuma intuthu emakhaleni akhe, nomlilo oqothulayo emlonyeni wakhe, namalahle avuthayo kuye.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




2 Samuweli 22:9
17 Iomraidhean Croise  

Amalahle omlilo avutha ngokukhazimula phambi kwakhe.


Kwabonakala imisele yolwandle, izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova ngokuphephetha komoya wamakhala akhe.


Ngomoya kaNkulunkulu bayabhubha, nangomoya wamakhala akhe bayaphela.


Kwase kubonakala imifula yamanzi, nezisekelo zomhlaba zambulwa ngokusola kwakho, Jehova, ngokufutha komoya wekhala lakho.


Kwenyuka umusi emakhaleni akhe nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswa ngakho.


Intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo esemlilweni; umusi walo wenyuka njengomusi wesithando, nentaba yonke yazamazama kakhulu.


Umbono wenkazimulo kaJehova wawunjengomlilo oqothulayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli.


Bheka, igama likaJehova liza livela kude, evutha intukuthelo yakhe, nomthwalo wakhe unzima; izindebe zakhe zigcwele intukuthelo nolimi lwakhe njengomlilo oqothulayo.


Ngokuba iThofeti lamiswa kwasendulo; yebo, ilungiselelwe inkosi; wawenza wajula, waba mkhulu; inqwaba yakhe ingumlilo nezinkuni eziningi; umoya kaJehova njengomfula wesibabule uyawuthungela ngomlilo.


Futhi ngiyokudabula kanye nezitha zakho ngiye ezweni ongalazi, ngoba umlilo ovuthayo ngentukuthelo yami oyovutha phezu kwakho.


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uthi: “Ngokuba nikhuluma leli zwi, bhekani, ngiyakwenza amazwi ami abe umlilo emlonyeni wakho, nalaba bantu babe yizinkuni, ubaqede.


Isifo sahamba phambi kwakhe, namalahle avuthayo aphuma ezinyaweni zakhe.


Ngokuba umlilo uphekiwe entukuthelweni yami, ushise uze ufike endaweni yabafileyo, uqede umhlaba nezithelo zawo, uthungele izisekelo zezintaba.


Ngoba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan