Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 Samuweli 6:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Abantu baseBeti Shemeshi babevuna ukolweni esigodini, baphakamisa amehlo abo, bawubona umphongolo, bathokoza ukuwubona.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 AbaseBeti Shemeshi babevuna ukolweni esigodini, baphakamisa amehlo abo, bawubona umphongolo, bathokoza ukuwubona.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

13 AbaseBhethi Shemeshi babevuna ukolo esigodini, lapho bephakamisa amehlo, babona umphongolo, bathokoza nxa bewubona.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 Samuweli 6:13
3 Iomraidhean Croise  

Umkhawulo wasuka eBhahala ngasentshonalanga, waya entabeni yaseSeyiri, wadlulela eceleni kweNtaba iJeharimi eyiKesaloni ngasenyakatho, wehlela eBeti Shemeshi, wadlulela eThimna;


Izinkomo zahamba ngendlela eqondile endleleni yaseBeti Shemeshi, zahamba ngendlela ephakeme, zisatshekile, aziphendukanga ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo; izikhulu zamaFilisti zawalandela, zaze zafika emkhawulweni waseBeti Shemeshi.


Inqola yafika ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemi, yema khona lapho kwakukhona itshe elikhulu; bacanda izinkuni zenqola, banikela ngezinkomo zaba ngumnikelo wokushiswa kuJehova.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan