Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 Samuweli 21:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 UDavide wayesethi ku-Ahimeleki umpristi: “Inkosi yangiyala indaba, yathi kimi: ‘Makungabikho muntu owaziyo ngale ndaba engikuthuma kuyo nokuthi ngiyakuyala ngakho; futhi ngamisa izinceku zami endaweni yokuthi nokuthi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UDavide wathi ku-Ahimeleki umpristi: “Inkosi ingiyalezile udaba, yathi kimi: ‘Makungazi muntu ngalolu daba engikuthuma ngalo nengikuyale ngalo.’ Izinsizwa zami ngizazisile indawo ethile.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

2 UDavide wathi ku-Ahimelekhi, umphristi: “Inkosi ingithume udaba olubucayi, yangidonsa ngendlebe yathi: ‘Makungabi bikho muntu ozwa ngalolu daba engikuthume lona.’ Izinsizwa zami zingilinde ndawana thizeni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 Samuweli 21:2
13 Iomraidhean Croise  

U-Isaka wayesethi endodaneni yakhe: “Uyithole kanjani masinyane kangaka, ndodana yami na?” Wathi: “Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyilethile kimi.”


Wathi: “Wena uyindodana yami u-Esawu na?” Wathi: “Nginguye.”


Wathi kuye: “Nami ngingumprofethi njengawe; ingelosi yakhuluma kimi ngezwi likaJehova, yathi: “Mbuyisele endlini yakho ukuba adle isinkwa, aphuze amanzi. Kodwa wamqambela amanga.


Nase-Anathoti, eNobi, nase-Ananiya,


Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho.


Jehova, beka umlindi phambi komlomo wami; vala umnyango emlonyeni wami.


Uyakuhlala eNobi ngalolo suku; uyosikisela isandla sakhe entabeni yendodakazi yaseSiyoni, igquma laseJerusalema.


Ngokuba bengakafiki abathile ababevela kuJakobe, wadla nabezizwe;


Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe;


USawule wayesethi kuMikhali: “Ungikhohliseleni kanje, wamukisa isitha sami, saphunyuka, na? UMikhali wamphendula uSawule, wathi: “Wathi kimi: “Ngiyeke ngihambe; ngikubulaleleni.


Ngakho kuyini ngaphansi kwesandla sakho manje? nginike esandleni sami izinkwa eziyisihlanu, noma yini ekhona.


UDavide wayesethi ku-Abiyathara: “Ngangazi ngalolo suku lapho uDowegi wakwa-Edomi elapho, ukuthi wayeyakusho nokusho kuSawule ukuthi: “Ngabulala bonke abantu bendlu kayihlo.


Wayesephendula uDowegi wakwaEdomi owayemiswe phezu kwezinceku zikaSawule, wathi: “Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan