Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 kaPetru 3:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zayo zisemikhulekweni yabo; kepha ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo, kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

12 ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo ziyayizwa imikhuleko yabo, kodwa ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zayo zisemikhulekweni yabo; kepha ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 kaPetru 3:12
21 Iomraidhean Croise  

Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Kulokhu nenze ubuwula; ngalokho niyakuba nezimpi kusukela manje kuqhubeke.


Khathesi amehlo ami azavuleka lezindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule indawo.


UJehova usethempelini lakhe elingcwele, isihlalo sobukhosi sikaJehova sisezulwini; amehlo akhe ayabona, izinkophe zakhe ziyabahlola abantwana babantu.


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe;


Wena ozwa umkhuleko, inyama yonke izakuza kuwe.


Ushiswe ngomlilo, unqunywe; bayabhubha ngenxa yokujeziswa kobuso Bakho.


UJehova ukude nababi, kepha uyawuzwa umkhuleko wabalungileyo.


Amehlo kaJehova asezindaweni zonke futhi abona ababi nabahle.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, usho uJehova; liyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, futhi iyolishisa ngomlilo.


Mthathe, umbheke kahle, ungamenzi okubi; kodwa yenzani kuye njengokutsho kwakhe kini.


Ngizamisa ubuso bami bumelane labo; bayakuphuma emlilweni, omunye umlilo ubaqede; niyakwazi ukuthi nginguJehova lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo.


Futhi wonke umuntu wendlu ka-Israyeli noma kubafokazi abagogobeleyo phakathi kwenu, abadla noma yiliphi igazi; ngizamisa ubuso bami bumelane lomphefumulo odla igazi, ngiwuqume phakathi kwabantu bakibo.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume phakathi kwabantu bakubo; ngoba wanika uMologi enye inzalo yakhe ukuze angcolise indlu yami engcwele futhi angcolise ibizo lami elingcwele.


Umphefumulo ophendukela emimoyeni yabafileyo nakubathakathi ukuba ufebe emva kwabo, ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngiwunqume phakathi kwabantu bakubo.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abakuzondayo bayakubusa phezu kwakho; niyobaleka uma kungekho onixoshayo.


Ngoba ngubani odelele usuku lwezinto ezincane? ngokuba bayakujabula, babone intambo yomthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele nalezi eziyisikhombisa; bangamehlo kaJehova agijima emhlabeni wonke.


Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni;


Izwe uJehova uNkulunkulu wakho alinakekelayo; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo, kusukela ekuqaleni konyaka kuze kube sekupheleni konyaka.


Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan