Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

U-Amose 7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Umbono ngezinkumbi

1 INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokumila kotshani bamuva; bheka, kwakungutshani bamuva emva kokusika kwenkosi.

2 Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: “Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”

3 UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” usho uJehova.


Umbono ngomlilo eqedayo

4 Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova.

5 Ngase ngithi: “Nkosi Jehova, mawuyeke; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”

6 UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” isho iNkosi uJehova.


Umbono ngentambo yomthofu

7 Wayesengibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa, enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe.

8 UJehova wathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Intambo yomthofu wokumisa.” Yayisithi iNkosi: “Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; angisayikubadlula.

9 “Izindawo eziphakemeyo zika-Isaka ziyakuchithwa, nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa, ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba.”


O-Amasiya no-Amose

10 U-Amasiya umpristi waseBethele wayesethumela kuJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwenzele ugobe phakathi kwendlu yakwa-Israyeli; izwe alinakuthwala onke amazwi akhe.

11 Ngokuba u-Amose ushilo kanje, wathi: “UJerobowamu uyakufa ngenkemba, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.”

12 U-Amasiya wayesethi ku-Amose: “Wena mboni, hamba, ubalekele ezweni lakwaJuda, udle khona isinkwa, uprofethe khona;

13 ungabe usaqhubeka kodwa ukuprofetha eBethele, ngokuba liyindlu engcwele yenkosi nendlu yombuso.”

14 Wayesephendula u-Amose, wathi ku-Amasiya: “Angisiye umprofethi mina, nendodana yomprofethi angisiyo, kepha ngangingumalusi, ngangitshala imithombe.

15 Kepha uJehova wangisusa ekulandeleni umhlambi; uJehova wathi kimi: ‘Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.’

16 Manje yizwa izwi likaJehova lokuthi: Wena uthi: “ ‘Ungaprofethi ngo-Israyeli, ungaconsisi izwi lakho phezu kwendlu ka-Isaka.’

17 “Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, nezwe liyakudatshulwa ngentambo; wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.’ ”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan