UZakariya 5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUmqulu wencwadi ondizayo 1 Ngabuye ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nanko umqulu wencwadi ondizayo. 2 Yathi kimi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona umqulu wencwadi ondizayo, ubude bawo buyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi bawo buyizingalo eziyishumi.” 3 Yayisithi kimi: “Nasi isiqalekiso esiphumela ebusweni bomhlaba wonke, ngokuba ngokusho kwaso bonke abebayo bayakunqunywa lapha, nabo bonke abafungayo bayakunqunywa lapha ngokusho kwaso. 4 ‘Ngiyakusiphumisa,’ usho uJehova Sebawoti, ‘singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami, sihlale phakathi kwendlu yakhe, siyiqede kanye nemithi yayo namatshe ayo.’ ” Owesifazane ose-efeni* 5 Yayisiphuma ingelosi eyayikhuluma nami, yathi kimi: “Ake uphakamise amehlo akho, ubone ukuthi kuyini lokhu okuphumayo.” 6 Ngathi: “Kuyini?” Yathi: “Lokhu kuyi-efa* eliphumayo.” Yabuye yathi: “Lokhu kungububi babo ezweni lonke.” 7 Bheka, isisibekelo somthofu saziphakamisa, kwakungowesifazane owahlala phakathi kwe-efa. 8 Yathi: “Lokhu kungububi.” Wamphonsa phakathi kwe-efa, waphonsa isisindo somthofu emlonyeni walo. 9 Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwaphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo; babe namaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa emkhathini wezulu nomhlaba. 10 Ngase ngithi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: “Laba baliyisaphi i-efa na?” 11 Yathi kimi: “Ukulakhela indlu ezweni laseShineyari; isilungisiwe liyakubekwa khona endaweni yalo.” |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa