UZakariya 3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUJoshuwa umpristi omkhulu ephambi kwengelosi kaJehova 1 Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye. 2 UJehova wathi kuSathane: “UJehova uyakukukhuza, Sathane, yebo, uJehova olikhethile iJerusalema uyakukukhuza; lo akasiso isikhuni esophulwe emlilweni na?” 3 UJoshuwa wayembethe izingubo ezingcolileyo; wayemi phambi kwengelosi. 4 Yathatha yasho kwababemi phambi kwayo, yathi: “Mkhumuleni izingubo ezingcolileyo.” Kuyena yathi: “Bheka, ngidedisile kuwe ububi bakho; ngiyakukwembathisa ezobukhosi.” 5 Ngase ngithi: “Mababeke isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe.” Base bebeka isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe, bamembathisa izingubo, ingelosi kaJehova isemi khona. 6 Ingelosi kaJehova yagomela kuJoshuwa, yathi: 7 “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha. 8 “ ‘Ake uzwe, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: bhekani, ngiyakuveza inceku yami, uHlumela. 9 Ngokuba bheka, itshe engilibeke phambi kukaJoshuwa kukhona amehlo ayisikhombisa etsheni lilodwa ngiyakuqopha ukuqoshwa kwalo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngidedisele kude ububi balelo zwe ngalusuku lunye. 10 “ ‘Ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘niyakumema, kube yilowo nalowo umngane wakhe phansi komvini naphansi komkhiwane.’ ” |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa