Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UZakariya 10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


UJehova ungumsizi oqinisileyo

1 Celani kuJehova imvula ngesikhathi semvula yamuva, uJehova owenza imibani, abesebanika izihlambi zemvula, yilowo nalowo aphiwe utshani ezweni lakhe.

2 Ngokuba amatherafi* akhulumile okuyize, nababhuli babone okungamanga; bakhuluma amaphupho angelutho, baduduza ngeze; ngalokho bayasuka njengezimvu, bathotshisiwe, ngokuba kungekho umalusi.

3 “Intukuthelo yami ivuthele abelusi; ngiyakujezisa izimpongo, ngokuba uJehova Sebawoti uyakuhambela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda, abenze babe njengehhashi elinobukhosi ekulweni.

4 Kuyena kuyakuphuma itshe legumbi, kuyena isikhonkwane, kuyena umnsalo wempi, kuyena bonke ababusi kanyekanye.

5 Bayakuba njengamaqhawe anyathela udaka ezitaladini ekulweni; bayakulwa, ngokuba uJehova unabo, nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.

6 “Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda, ngisindise indlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo, babe kungathi angizange ngibalahle, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo; ngiyakubezwa.

7 U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe; inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini; abantwana babo bayakukubona, bathokoze; inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.

8 Ngiyakubahlabela ikhwelo, ngibabuthe, ngokuba ngibahlengile; bayakwanda njengalokho kade banda.

9 Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu, bayakungikhumbula ezindaweni ezikude, baphile kanye nabantwana babo, babuye.

10 Ngiyakubabuyisa ezweni laseGibithe, ngibabuthe e-Asiriya, ngibangenise ezweni lakwaGileyadi naseLebanoni, abayikutholelwa indawo.

11 Bayakudabula elwandle lokuhlupheka, kushaywe amaza olwandle, nezintwa zonke zeNayile ziyakoma, kwehliswe ukuziphakamisa kwe-Asiriya, isuke intonga yaseGibithe.

12 Ngiyakubaqinisa kuJehova, bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan