UNumeri 9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEIphasika lasehlane 1 UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala yomnyaka wesibili, sebephumile ezweni laseGibithe, wathi: 2 “Futhi abantwana bakwa-Israyeli bayakugcina iphasika ngesikhathi salo esinqunyiweyo. 3 Ngosuku lweshumi nane lwaleyo nyanga ngakusihlwa niyakuligcina ngesikhathi salo esinqunyiweyo; ngokwezimiso zalo zonke nangokwemithetho yalo anoligcina.” 4 UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi bolenza iphasika. 5 Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli. 6 Kwakukhona amadoda athile ayengcolisiwe yisidumbu somuntu, engenakulenza iphasika ngalolo suku; eza phambi kukaMose naphambi kuka-Aroni ngalowo muhla. 7 Lawo madoda athi kuye: “Singcolisiwe yisidumbu somuntu; sivinjelelwani ukunikela ngomnikelo kaJehova ngesikhathi sawo esinqunyiweyo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli na?” 8 UMose wathi kuwo: “Yimani ukuba ngizwe ukuthi uJehova uyakuyalani ngani.” 9 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 10 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu wakini noma owezizukulwane zenu engcoliswa yisidumbu noma esekuhambeni, ekude, uyakulenza nokho iphasika kuJehova; 11 ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa bayakulenza; bayakulidla nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo; 12 abayikushiya lutho kuze kube sekuseni, bangaphuli thambo lalo; ngokwezimiso zonke zephasika bayakulenza. 13 Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ekuhambeni, oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe. 14 “ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo, uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.’ ” Ifu elaliphezu kwetabernakele* 15 Ngosuku itabernakele* elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele, itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni. 16 Kwakunjalo ngesikhathi sonke: ifu lalisibekela, kwabonakala umlilo ebusuku. 17 Nalapho ifu lenyuswa etendeni, base behamba abantwana bakwa-Israyeli, nasendaweni lapho ifu lalima khona, lapho abantwana bakwa-Israyeli bamisa khona. 18 Ngesiyalezo sikaJehova abantwana bakwa-Israyeli bahamba, nangesiyalezo sikaJehova bamisa; ngesikhathi ifu lihlala phezu kwetabernakele bahlala ekamu.* 19 Nalapho ifu lihlala phezu kwetabernakele izinsuku eziningi, abantwana bakwa-Israyeli bagcina isiyalezo sikaJehova, abahambanga. 20 Ngesinye isikhathi ifu laliphezu kwetabernakele izinsuku eziyingcosana nje; khona ngesiyalezo sikaJehova bahlala ekamu,* nangesiyalezo sikaJehova bahamba. 21 Nangesinye isikhathi ifu lahlala kusihlwa kwaze kwaba sekuseni; nalapho ifu lenyuswa ekuseni, bahamba; noma lahlala ubusuku nemini, bahamba lapho ifu lenyuswa. 22 Noma kwakuyizinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu,* abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba. 23 Ngesiyalezo sikaJehova bamisa, nangesiyalezo sikaJehova bahamba; bagcina inkonzo kaJehova ngesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa