UNumeri 7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEIzipho zezikhulu ezinikelelwa ithempeli 1 Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele,* waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo, ne-altare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa, 2 izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise zanikela; lezo zaziyizikhulu zezizwe, zazibekwe phezu kwababalwayo. 3 Zaletha iminikelo yazo phambi kukaJehova, izinqola eziyisithupha ezimboziwe, nezinkabi eziyishumi nambili, yilezo zikhulu ezimbili zinenqola inye, yileso sinenkunzi; zazethula phambi kwetabernakele.* 4 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 5 “Zamukele kuzo, ukuze zenze inkonzo yetende lokuhlangana, uzinike amaLevi, kube yilowo nalowo muntu ngokomsebenzi wakhe.” 6 UMose wathatha izinqola nezinkabi, wazinika amaLevi. 7 Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wazinika amadodana kaGereshoni ngomsebenzi wawo, 8 nezinqola ezine nezinkabi eziyisishiyagalombili wazinika amadodana kaMerari ngomsebenzi wawo phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi. 9 Kepha amadodana kaKohati akawanikanga lutho, ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayiyiwo eyawo; ayithwala emahlombe awo. 10 Izikhulu zanikelela ukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, izikhulu zanikela ngomnikelo wazo phambi kwe-altare. 11 UJehova wathi kuMose: “Izikhulu ziyakunikela ngomnikelo wazo, yileso naleso ngosuku lwaso, ube ngowahlukaniselwa kwe-altare.” 12 Owanikela ngomnikelo wakhe ngosuku lokuqala nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba, owesizwe sakwaJuda. 13 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, 14 nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho, 15 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa, 16 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono. 17 Okomhlatshelo kweminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaNaheshoni indodana ka-Aminadaba. 18 Ngosuku lwesibili kwanikela uNethaneli indodana kaSuwari, isikhulu sakwa-Isakare. 19 Wanikela kwaba ngumnikelo wakhe uqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, 20 nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho, 21 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa, 22 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono. 23 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaNethaneli indodana kaSuwari. 24 Ngosuku lwesithathu ngu-Eliyabe indodana kaHeloni, isikhulu sabantwana bakwaZebuloni. 25 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, 26 nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho, 27 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa, 28 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono. 29 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Eliyabe indodana kaHeloni. 30 Ngosuku lwesine ngu-Elisuri indodana kaShedewuri, isikhulu sabantwana bakwaRubeni. 31 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, 32 nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho, 33 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa, 34 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono. 35 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Elisuri indodana kaShedewuri. 36 Ngosuku lwesihlanu nguShelumiyeli indodana kaSurishadayi, isikhulu sabantwana bakwaSimeyoni. 37 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, 38 nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho, 39 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa, 40 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono. 41 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaShelumiyeli indodana kaSurishadayi. 42 Ngosuku lwesithupha ngu-Eliyasafa indodana kaDehuweli, isikhulu sabantwana bakwaGadi. 43 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, 44 nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho, 45 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa, 46 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono. 47 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Eliyasafa indodana kaDehuweli. 48 Ngosuku lwesikhombisa ngu-Elishama indodana ka-Amihudi, isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi. 49 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, 50 nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho, 51 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa, 52 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono. 53 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Elishama indodana ka-Amihudi. 54 Ngosuku lwesishiyagalombili nguGamaliyeli indodana kaPedasuri, isikhulu sabantwana bakwaManase. 55 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, 56 nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho, 57 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa, 58 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono. 59 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyishlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaGamaliyeli indodana kaPedasuri. 60 Ngosuku lwesishiyagalolunye ngu-Abidani indodana kaGideyoni, isikhulu sabantwana bakwaBenjamini. 61 Unikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, 62 nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho, 63 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa, 64 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono. 65 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Abidani indodana kaGideyoni. 66 Ngosuku lweshumi ngu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi, isikhulu sabantwana bakwaDani. 67 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, 68 nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho, 69 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa, 70 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono. 71 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi. 72 Ngosuku lweshumi nanye nguPagiyeli indodana ka-Okirani, isikhulu sabantwana bakwa-Asheri. 73 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, 74 nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho, 75 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa, 76 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono. 77 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaPagiyeli indodana ka-Okirani. 78 Ngosuku lweshumi nambili ngu-Ahira indodana ka-Enani, isikhulu sabantwana bakwaNafetali. 79 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, 80 nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho, 81 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa, 82 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono. 83 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Ahira indodana ka-Enani. 84 Lokho kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo ngezandla zezikhulu zakwa-Israyeli: izingqwembe eziyishumi nambili zesiliva, nezinkamba eziyishumi nambili zesiliva, nezinkezo eziyishumi nambili zegolide, 85 yilolo nalolo qwembe lwesiliva lungamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, yilolo nalolo khamba lungamashumi ayisikhombisa, lonke isiliva lezitsha libe yizinkulungwane ezimbili namakhulu amane ngokweshekeli lendlu engcwele, 86 nezinkezo zegolide eziyishumi nambili ezigcwele impepho, yileyo naleyo ingamashekeli* ayishumi ngokweshekeli lendlu engcwele; lonke igolide lezinkezo lalingamashekeli ayikhulu namashumi amabili; 87 zonke izinkomo zomnikelo wokushiswa zaziyizinkunzi eziyishumi nambili, nezinqama eziyishumi nambili, nezimvu zamaduna ezinomnyaka munye eziyishumi nambili kanye nomnikelo wazo wempuphu, nezimpongo zomnikelo wesono eziyishumi nambili; 88 izinkomo zonke zomhlatshelo weminikelo yokuthula zaziyizinkunzi ezingamashumi amabili nane, nezinqama ezingamashumi ayisithupha, nezimpongo ezingamashumi ayisithupha, nezimvu zamaduna ezingamashumi ayisithupha. Lokho kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare; lapho lase ligcotshiwe. 89 Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye, wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi* omabili; wayesekhuluma kuye. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa