Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UNumeri 26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukubalwa okusha kwezizwe zakwa-Israyeli

1 Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi:

2 “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.”

3 OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:

4 “Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.”

5 URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni: kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki; kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;

6 kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.

7 Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

8 Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe.

9 Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;

10 umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.

11 Kepha amadodana kaKora awafanga.

12 Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo: kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli; kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini; kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;

13 kwaZera: ngumndeni wakwaZera; kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.

14 Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.

15 Amadodana kaGadi ngemindeni yawo: kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni; kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi; kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni;

16 kwa-Ozini: ngumndeni wakwa-Ozini; kwa-Eri: ngumndeni wakwa-Eri;

17 kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi; kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli.

18 Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.

19 Amadodana kaJuda: ngo-Eri no-Onani; o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani.

20 Amadodana kaJuda ngemindeni yawo: kwaShela: ngumndeni wakwaShela; kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi; kwaZera: ngumndeni wakwaZera.

21 Amadodana kaPheresi: kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule.

22 Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.

23 Amadodana ka-Isakare ngemindeni yawo: kwaThola: ngumndeni wakwaThola; kwaPhuva ngumndeni wakwaPhuva;

24 kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi; kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni.

25 Yileyo eyimindeni ka-Isakare ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.

26 Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo: kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi; kwa-Eloni: ngumndeni wakwa-Eloni; kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli.

27 Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu.

28 Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi.

29 Amadodana kaManase: kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi; kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.

30 Lawa angamadodana kaGileyadi: kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa-Iyezeri; kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;

31 kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa-Asiriyeli; kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi;

32 kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida; kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi.

33 USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.

34 Yileyo eyimindeni kaManase; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.

35 Lawa angamadodana ka-Efrayimi ngemindeni yawo: kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela; kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri; kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani.

36 Lawa angamadodana kaShuthela: kwa-Eranu: ngumndeni wakwa-Eranu.

37 Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Efrayimi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu. Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.

38 Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo: kwaBela: ngumndeni wakwaBela; kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli; kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu;

39 kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu; kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu.

40 Amadodana kaBela ayengo-Arida noNahamani; kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida; kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani.

41 Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.

42 Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo: kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo.

43 Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.

44 Amadodana ka-Asheri ngemindeni yawo: kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna; kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi; kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.

45 Kumadodana kaBeriya: kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere; kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.

46 Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.

47 Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.

48 Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo: kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli; kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;

49 kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri; kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.

50 Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.

51 Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

52 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

53 “Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama.

54 Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.

55 Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.

56 Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.”

57 Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo: kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni; kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati; kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.

58 Nansi imindeni yamaLevi: ngumndeni wakwaLibini, nomndeni wakwaHebroni, nomndeni wakwaMaheli, nomndeni wakwaMushi, nomndeni wakwaKora. UKohati wazala u-Amramu.

59 Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.

60 U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.

61 ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.

62 Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

63 Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.

64 Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.

65 Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan