Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UNumeri 24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


UBileyamu uyaphinda ukubusisa u-Israyeli; ubuyela ekhaya

1 UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo, kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane.

2 UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.

3 Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “UBileyamu indodana kaBeyori uthi, umuntu omehlo akhe avuliwe uthi,

4 ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, obonile umbono kaSomandla uthi, ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe:

5 “Mahle kangaka amatende akho, Jakobe, namatabernakele* akho, Israyeli.

6 Elulekile njengezigodi, njengamasimu ngasemfuleni, njengemihlaba ayitshalile uJehova, njengemisedari* ngaseceleni kwamanzi.

7 Amanzi ayakugobhoza, aphume ezimbizeni zakhe, imbewu yakhe ibe semanzini amaningi, inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi, umbuso wakhe uphakame.

8 “UNkulunkulu wamkhipha eGibithe; unjengezimpondo zenyathi kubo; uyakuqeda izizwe, izitha zakhe, aphule amathambo azo, azigwaze ngemicibisholo yakhe.

9 Wabuthalala, walala phansi njengengonyama, nanjengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”

10 Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu.

11 Ngalokho baleka uye endaweni yakho; bengithi ngiyakukunika udumo olukhulu; kepha bheka, uJehova ugodlile udumo kuwe.”

12 UBileyamu wathi kuBalaki: “Angikhulumanga yini kuzo izithunywa zakho owazithuma kimi ukuthi:

13 ‘Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma,’ na?

14 Bheka manje, ngibuyela kubantu bakithi; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.”

15 Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “UBileyamu indodana kaBeyori uthi, umuntu oso lakhe livuliwe uthi,

16 ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, owazi ukwazi koPhezukonke, obonile umbono kaSomandla, ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe, uthi:

17 “Ngiyambona, kepha kungemanje; ngiyambheka, kodwa kungeseduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli, ishaye uMowabi emaceleni, ichithe onke amadodana kaSeti.

18 U-Edomi uyakuba yifa; uSeyiri uyakuba yifa naye, owayengowezitha zakhe, u-Israyeli esenza okubuqhawe.

19 Uyakuvela kuJakobe, achithe insali emzini.”

20 Wayesembuka u-Amaleki, wathatha isisho sakhe, wathi: “U-Amaleki wayengesokuqala sezizwe, kepha ukugcina kwakhe kungukubhubha.”

21 Wayesewabuka amaKheni, wathatha isisho sakhe, wathi: “Inamandla indawo yakho yokuhlala; isidleke sakho simisiwe edwaleni.

22 Nokho uKayini uyakuchithwa uze uthunjwe ngu-Ashuri.”

23 Wathatha isisho sakhe, wathi: “Maye, ngubani oyakuphila, lapho uNkulunkulu ekwenza lokhu, na?

24 Imikhumbi iyakuvela ogwini lwaseKitimi, imhluphe u-Ashuri, imhluphe u-Ebere, naye aye ekubhujisweni.”

25 UBileyamu wayesesuka, wahamba, wabuyela endaweni yakhe; uBalaki wahamba ngeyakhe indlela.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan