UNumeri 21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkunqotshwa kwenkosi yase-Aradi 1 UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli uyeza ngendlela yase-Atarimi; walwa no-Israyeli, wathumba abanye kubo. 2 U-Israyeli wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma unikela nokunikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuchitha impela imizi yabo.” 3 UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyo ndawo lathiwa iHorma.* Inyoka yethusi 4 Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela. 5 Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? Ngokuba akukho sinkwa, akukho manzi; umphefumulo wethu uyanengwa yilesi sinkwa esilulana.” 6 UJehova wathuma izinyoka ezinesihlungu phakathi kwabantu, zabaluma abantu; abantu abaningi bakwa-Israyeli bafa. 7 Abantu bafika kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu. 8 UJehova wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke ensikeni; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.” 9 UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; kwathi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wasinda. 10 Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa e-Oboti. 11 Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi ehlane elingaphandle kwelakwaMowabi ngasempumalanga. 12 Basuka lapho, bamisa esiGodini saseZeredi. 13 Basuka lapho, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni elisehlane, elivela emkhawulweni wama-Amori, ngokuba i-Arinoni lingumkhawulo welakwaMowabi, phakathi kwelakwaMowabi nama-Amori. 14 Ngalokho kuthiwa eNcwadini yeziMpi zikaJehova: “IVahebi laseSufa, nezigodi zase-Arinoni, 15 nomthambeka wezigodi othambeka ngasezweni le-Ari, oncike emkhawulweni wakwaMowabi.” 16 Basuka lapho, baya eBeri; lokhu kungumthombo asho ngawo uJehova kuMose, wathi: “Butha abantu, ngibaphe amanzi.” 17 U-Israyeli wayesehlabelela lesi sihlabelelo sokuthi: “Mpompoza, mthombo, nihlabelele kuwo, 18 umthombo ezawumba izikhulu, abawugubha abakhulu babantu ngentonga yobukhosi nangezindondolo zabo.” Basuka ehlane, baya eMathana. 19 Basuka eMathana, baya eNahaliyeli; basuka eNahaliyeli, baya eBamoti; 20 basuka eBamoti, baya esigodini esisezweni lakwaMowabi nasesiqongweni sasePisiga, elibheke ngenzansi ngasehlane. Ukunqotshwa kukaSihoni no-Ogi 21 U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni inkosi yama-Amori, wathi: 22 “Ake sidabule izwe lakho; asiyikuchezukela emasimini noma ezivinini, singaphuzi amanzi emithombo; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, size sidlule umkhawulo wakho.” 23 USihoni wayengamvumeli u-Israyeli ukudabula izwe lakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma eyomhlasela u-Israyeli ehlane, wafika eJahasi, walwa no-Israyeli. 24 U-Israyeli wamnqoba ngosiko lwenkemba, wadla izwe lakhe, kusukela e-Arinoni kuze kufike eJaboki nakubo abantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla. 25 U-Israyeli wathatha yonke le mizi; u-Israyeli wahlala emizini yonke yama-Amori eHeshiboni nasemizini yonke yalo. 26 Ngokuba iHeshiboni lalingumuzi kaSihoni inkosi yama-Amori owayelwile nenkosi endala yakwaMowabi, wathatha lonke izwe lakhe esandleni sakhe kwaze kwafika e-Arinoni. 27 Ngalokho abakhulu ngezaga basho bathi: “Wozani eHeshiboni; makwakhiwe, umuzi kaSihoni umiswe; 28 ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni; ilangabi livelile emzini kaSihoni; liqedile i-Ari lakwaMowabi nabakhe emadulini ase-Arinoni. 29 Maye kuwena Mowabi! Niphelile, nina bantu bakaKemoshi; unikele amadodana akhe abe ngababaleki, namadodakazi akhe athunjwe kuSihoni inkosi yama-Amori. 30 “Sibacibishele; iHeshiboni liphelile kuze kube seDiboni; sichithile kuze kube seNofa elingaseMedeba.” 31 Kanjalo u-Israyeli wahlala ezweni lama-Amori. 32 UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, baxosha ama-Amori ayelapho. 33 Baphenduka, bakhuphuka ngendlela yaseBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma, wabasukela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuyokulwa ngase-Edireyi. 34 UJehova wathi kuMose: “Ningamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho kanye nabantu bakhe bonke nezwe lakhe; uyakwenza kuye njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori owahlala eHeshiboni.” 35 Base bemnqoba-ke, namadodana akhe, nabo bonke abantu bakhe, waze wangasalelwa muntu; badla izwe lakubo. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa