UNahume 1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkushisekela kukaNkulunkulu nomusa wakhe 1 Isiprofetho ngeNineve, incwadi yombono kaNahume wase-Elikoshi. 2 UJehova unguNkulunkulu oshisekelayo nophindiselayo; uJehova uyaphindisela, ugcwele ukufutheka; uJehova uphindisela kwabamelene naye, ugcinela izitha zakhe intukuthelo. 3 UJehova wephuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, akenzi onecala abe msulwa; uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni, namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe. 4 Uyakhuza ulwandle, alomise, ashise nemifula yonke; iBashani liyawuma kanye neKarmeli, nezimbali zaseLebanoni ziyabuna. 5 Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe, amagquma ayancibilika; umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe, yebo, nakho konke okuhlala kuwo. 6 Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe. 7 UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi abaphephela kuye. 8 Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo uyakuqeda indawo yakhona, axoshele izitha zakhe ebumnyameni. 9 Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena; ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili. 10 Lapho bethandela njengameva, benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo, bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo. 11 Kuphume kuwe owamcebela uJehova okubi, wanika isiluleko esibi. 12 Usho kanje uJehova, uthi: “Noma benamandla, futhi bebaningi, nokho bayakuqedwa, banyamalale; noma ngikuhluphile, angisayikukuhlupha. 13 Sengiyakulaphula ijoka eliphezu kwakho, ngigqabule izibopho zakho.” 14 Kepha uJehova uyalezile ngawe ukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma izithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo; ngiyakulungisa ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho. 15 Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho, Juda, ugcwalise izithembiso zakho, ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa