UMikha 3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkusolwa kwabaholi ababi 1 Ngathi: “Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe, nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli ukuthi: Akusikho okwenu ukwazi ukulunga 2 nina enizonda okuhle, nithanda okubi, enebula kubo isikhumba sabo, nenyama yabo emathanjeni abo, 3 enidla inyama yabantu bami, nihlinza kubo isikhumba sabo, naphula amathambo abo, yebo, nibaqoba njengokwasekhanzini nanjengenyama phakathi kwebhodwe.” 4 Khona bayakukhala kuJehova, kepha akayikubaphendula; uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngaleso sikhathi ngenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe zimbi. 5 Usho kanje uJehova: “Ngabaprofethi abadukisa abantu bami, abathi, bese nakho okokuhlafuna ngamazinyo abo, bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’ nongabeki lutho emlonyeni wabo bamlungisele ukulwa. 6 Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi nambono, kuhlwe kini, ningabe nisabhula; ilanga liyakushonela abaprofethi, usuku lube mnyama phezu kwabo. 7 Ababoni bayakuba namahloni, ababhuli bayangaze; bayakumboza amadevu abo bonke, ngokuba akuveli mpendulo kuNkulunkulu.” 8 Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe, u-Israyeli izono zakhe. 9 Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga, 10 enakha iSiyoni ngegazi neJerusalema ngobubi, 11 elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo, nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo, nelibaprofethi balo babhula ngemali, bencike nokho kuJehova, bethi: “UJehova akaphakathi kwethu na?” Asiyikwehlelwa ngokubi. 12 Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa