UMikha 2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkuxwayiswa kwabacindezeli 1 Wo! kwabaceba ububi, benze okubi emibhedeni yabo! Ekukhanyeni kokusa bayakwenza, ngokuba kusemandleni ezandla zabo. 2 Bafisa amasimu, bawadluzule, nezindlu, bazisuse; bacindezela indoda nendlu yayo, umuntu nefa lakhe. 3 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni, eningayikukhipha kukho izintamo zenu; futhi ningahambi ngokuzidla, ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi. 4 Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani, bakhale isililo, bathi: ‘Sichithiwe nokuchithwa; isabelo sabantu bami sinikwa omunye; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ” 5 Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkatho ebandleni likaJehova. 6 “Ningaprofethi,” baprofetha, basho njalo, “ningaprofethi ngalokho; ihlazo aliyikusifica.” 7 Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe, ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile; yizenzo zakhe lezi na? “Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho? 8 Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha; nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba, befulathele ukulwa. 9 Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo, nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube phakade. 10 Sukumani nihambe, ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu; ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla. 11 Uma bekuhambahamba umuntu okhuluma umoya nje namanga, athi: ‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’ ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu. 12 “Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho; ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli; ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira, njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo, kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu. 13 Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo; sebefohlile, badlulela esangweni, baphuma ngalo; inkosi yabo idlulile phambi kwabo, noJehova usesihlokweni sabo.” |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa