UMikha 1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkwahlulelwa kukaJuda no-Israyeli 1 Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema. 2 Zwanini, bantu bonke, uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho, iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele. 3 Ngokuba bhekani, uJehova uphuma endaweni yakhe, ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba. 4 Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziyakuqhekezeka njengengcina phambi komlilo, njengamanzi athululwe emaweni. 5 Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe nangezono zendlu yakwa-Israyeli. Siyini isiphambeko sikaJakobe? Asiyilo iSamariya na? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na? 6 “Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendle nendawo yokutshala izivini, ngiqulele amatshe alo esigodini, ngambule isisekelo salo. 7 Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa, nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo, nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo, ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe; kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.” 8 Ngenxa yalokho ngiyakukhala, ngihhewule, ngihambe ngihlutshuliwe, ngihamba ze; ngenze isililo njengamakhanka, ngikhale njengezintshe. 9 Ngokuba amanxeba alo awanakuphulukiswa, lokhu sekufikile nakwaJuda, kufinyelela esangweni labantu bami naseJerusalema. 10 Ningakulandisi eGati, ningakhali e-Akha; eBeti Afera huquzelani othulini. 11 Dlulani nina enakhileyo eShafiri ngobunqunu nangehlazo; abakhe eSawanani abaphumi; ukukhala kwaseBeti Eseli akunivumeli ukuhlala khona. 12 Ngokuba abakhe eMaroti banemihelo ngokuhle, lokhu okubi kwehlile kuvela kuJehova, kwafika esangweni laseJerusalema. 13 Bophelani enqoleni ihhashi elinejubane, nina enakhileyo eLakishi; lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni, ngokuba iziphambeko zakwa-Israyeli zafunyanwa kuwe. 14 Ngalokho uyakupha iMoresheti Gati isipho sokuvalelisana; izindlu zase-Akizibi ziyakuba yinkohliso kuwo amakhosi akwa-Israyeli. 15 Ngisezakwehlisa phezu kwenu enakhileyo eMaresha oyakunidla: udumo luka-Israyeli luyakufika e-Adulamu. 16 Ziphucule, zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho, wandise ubumpandla bakho njengenqe, ngokuba bayakuthunjwa kuwe. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa