ULevitikusi 9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUmnikelo wokuqala ka-Aroni 1 Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili uMose wabiza u-Aroni namadodana akhe namalunga akwa-Israyeli, 2 wathi ku-Aroni: “Mawuzithathele ithole lenkunzi, libe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa, okungenasici, unikele ngakho phambi kukaJehova. 3 Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Thathani impongo, ibe ngumnikelo wesono, nethole newundlu, omabili abe nomnyaka munye, angenasici, abe ngumnikelo wokushiswa, 4 nenkunzi nenqama zibe yiminikelo yokuthula, zihlatshwe phambi kukaJehova, nomnikelo wempuphu oxovwe namafutha, ngokuba namuhla uJehova uyabonakala kini.’ ” 5 Baletha-ke lokho uMose akuyalayo phambi kwetende lokuhlangana, nenhlangano yonke yasondela, yema phambi kukaJehova. 6 Wayesethi uMose: “Nansi into uJehova ayala ngayo ukuba niyenze, kuze kubonakale kini inkazimulo kaJehova.” 7 UMose wathi ku-Aroni: “Sondela e-altare, unikele ngomnikelo wakho wesono nangomnikelo wakho wokushiswa, uzenzele wena nabantu ukubuyisana, andukuba unikele ngomnikelo wabantu, ubenzele ukubuyisana, njengalokho uJehova eyalile.” 8 U-Aroni wayesesondela e-altare, walihlaba ithole lomnikelo wesono ongowakhe. 9 Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye; wagcobhoza umunwe egazini, walibheca ezimpondweni ze-altare, wathulula elinye igazi ngasesinqeni se-altare; 10 kepha amanoni nezinso namanoni aphezu kwesibindi emnikelweni wesono wakushisa e-altare, njengalokho uJehova emyalile uMose. 11 Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu.* 12 Wawuhlaba umnikelo wokushiswa; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi, wafafaza ngalo i-altare nxazonke. 13 Anikeza kuye umnikelo wokushiswa izitho ngezitho kanye nenhloko, wakushisa e-altare. 14 Wahlanza izibilini namanqina, wakushisa phezu komnikelo wokushiswa e-altare. 15 Wayeseletha umnikelo wabantu, wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wanikela ngayo ngenxa yesono njengowokuqala. 16 Waletha umnikelo wokushiswa, wanikela ngawo njengokwesimiso. 17 Wayeseletha umnikelo wempuphu, wagcwalisa isandla sakhe ngawo, wawushisa e-altare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni. 18 Wahlaba inkunzi nenqama, zibe ngumhlatshelo weminikelo yokuthula ongowabantu; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi owafafaza ngalo i-altare nxazonke, 19 namanoni enkunzi nawenqama, nomsila ononileyo, nalawo asibekela izibilini, nezinso, namanoni esibindi, 20 abeka amanoni phezu kwezifuba; wawashisa amanoni e-altare; 21 izifuba nomlenze wokunene wakuzulisa, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, njengalokho uMose eyalile. 22 U-Aroni waphakamisela izandla zakhe kubantu, wababusisa; wayesehla ekunikeleni ngomnikelo wesono nangomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula. 23 OMose no-Aroni bangena etendeni lokuhlangana, babuye baphuma, bababusisa abantu; yayisibonakala inkazimulo kaJehova kubantu bonke. 24 Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa