Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

ULevitikusi 17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Imithetho yokuhlaba

1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2 “Yisho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Lokhu kuyikho ayale ngakho uJehova, ethi:

3 Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli ohlaba inkunzi noma imvana noma imbuzi ekamu,* noma eyibulala ngaphandle kwekamu,

4 engayilethanga emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaJehova ngaphambi kwetabernakele* likaJehova, lowo muntu wobalelwa icala legazi; uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

5 Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakuletha imihlatshelo yabo abayihlaba endle, bayilethe kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, kumpristi, banikele ngayo ibe yiminikelo yokuthula kuJehova.

6 Umpristi wofafaza ngegazi i-altare likaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, ashise amanoni, abe yiphunga elimnandi kuJehova.

7 Abasayikuhlabela amademoni imihlatshelo yabo abaye kuwo ukuphinga. Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ezizukulwaneni zabo.’

8 “Wothi kubo: ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo onikela ngomnikelo wokushiswa noma ngomhlatshelo,

9 engayilethi emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngawo kuJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


Igazi alinakudliwa

10 “ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.

11 Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimnike lona e-altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.

12 Ngalokho ngathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Makungabikho muntu kini odla igazi; nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu makangadli igazi.”

13 “ ‘Yilowo nalowo muntu wabantwana bakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo ozingela, abambe isilwane noma inyoni edliwayo, makachithe igazi layo, alisibekele ngothuli.

14 Ngokuba umphefumulo wenyama yonke, igazi layo lihlangene nomphefumulo wayo; ngalokho ngathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Maningadli igazi lenyama noma iyiphi, ngokuba umphefumulo wenyama yonke uyigazi layo; yilowo nalowo oyidlayo uyakunqunywa.”

15 “ ‘Yilowo nalowo odla ingcuba noma lokho okudweshulwe yizilo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, makahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe; khona uyakuhlambuluka.

16 Kepha uma engazihlanzi, angagezi umzimba wakhe, uyakuthwala ububi bakhe.’ ”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan