ULevitikusi 12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkuhlanjululwa kwababelethayo 1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma owesifazane ekhulelwa, azale umfana, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa; njengasemihleni yokungcola ngefindo lakhe wohlala engcolile. 3 Ngosuku lwesishiyagalombili inyama yejwabu lakhe iyakusokwa. 4 Abesehlala esegazini lokuhlambuluka izinsuku ezingamashumi amathathu nantathu, angathinti lutho olungcwele, angangeni endlini engcwele, zize ziphelele izinsuku zokuhlambuluka kwakhe. 5 Kepha uma ezala intombazana, makabe ngongcolile amasonto amabili njengasekungcoleni ngefindo lakhe, ahlale esegazini lokuhlambuluka izinsuku ezingamashumi ayisithupha nesithupha. 6 “ ‘Nanxa seziphelile izinsuku zokuhlambuluka kwakhe ngomfana noma ngentombazana, makalethe imvu enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono, akulethe ngasemnyango wetende lokuhlangana kumpristi, 7 yena anikele ngakho phambi kukaJehova, amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke emthonjeni wegazi lakhe. Yilowo umthetho wozalayo umfana noma intombazana. 8 “ ‘Uma amandla akhe enganeli imvu, khona uyakuthatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke.’ ” |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa