ULevitikusi 1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUmthetho weminikelo yokushiswa 1 UJehova esetendeni lokuhlangana wambiza uMose, wakhuluma kuye, wathi: 2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu wakini eletha umnikelo kuJehova, anonikela ngomnikelo wenu wezinkomo zemihlambi nowezimvu. 3 “ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova. 4 Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa; uyakwamukelwa ngenxa yakhe, umenzele ukubuyisana. 5 Wolihlaba iduna phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke ze-altare elingasemnyango wetende lokuhlangana. 6 Uyakuhlinza umnikelo wokushiswa, awuhlahlele izitho. 7 Amadodana ka-Aroni umpristi abeke umlilo e-altare, ahlele izinkuni phezu komlilo; 8 amadodana ka-Aroni, abapristi, ahlele izitho, nenhloko, namanoni, phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare, 9 ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova. 10 “ ‘Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi, owasezimvini noma owasezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici. 11 Alihlabe ngasohlangothini lwe-altare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare ngegazi lalo nxazonke. 12 Alihlahlele izitho nenhloko yalo namanoni alo, umpristi akuhlele phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare, 13 ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova. 14 “ ‘Uma umnikelo wakhe kuJehova ungumnikelo wokushiswa kwezinyoni, wonikela ngomnikelo wamahobhe noma ngowamaphuphu amajuba. 15 Umpristi awulethe e-altare, awushumpule inhloko, awushise e-altare, igazi lawo likhanyelwe ngasohlangothini lwe-altare, 16 asuse ingila nezimpaphe, akulahle ngaseceleni kwe-altare ngasempumalanga endaweni yomlotha, 17 awuqaqe ngamaphiko awo, angawudabuli kodwa; umpristi awushise e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, ube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa