UJoshuwa 16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEIsabelo sabantwana bakwaJosefa, ikakhulu esabakwa-Efrayimi 1 Isabelo sabantwana bakwaJosefa sasuka eJordani ngaseJeriko emanzini aseJeriko ngasempumalanga, ihlane elenyuka eJeriko ezintabeni ukuya eBethele; 2 saphuma eBethele, saya eLuze, sadlula saya emkhawulweni wama-Araki ngase-Atharoti; 3 sehlela ngasentshonalanga emkhawulweni wamaJafeleti kuze kube semkhawulweni weBeti Horoni laseNzansi naseGezeri; ukuphuma kwaso kwakuselwandle. 4 Abantwana bakwaJosefa, oManase no-Efrayimi, base belidla ifa labo. 5 Umkhawulo wabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo wawunje: umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi-Atharoti Adari kuze kube seBeti Horoni laseNhla; 6 umkhawulo waphuma ngasentshonalanga ngaseMikemetha ngasenyakatho; umkhawulo wawusujika ngasempumalanga, waya eTawanati Shilo, walidlula ngasempumalanga kwaseJanowa; 7 wehla eJanowa, waya e-Atharoti naseNahara, wafika eJeriko, waphumela eJordani. 8 Kusukela eTaphuwa umkhawulo waya ngasentshonalanga, wafika emfudlaneni iKhana; ukuphuma kwawo kwakuselwandle. Lelo liyifa lesizwe sabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo 9 kanye nemizi eyahlukaniselwa abantwana bakwa-Efrayimi phakathi kwefa labantwana bakwaManase, yonke imizi nemizana yayo. 10 Kodwa abawaxoshanga amaKhanani ahlala eGezeri, kepha amaKhanani ahlala phakathi kuka-Efrayimi kuze kube namuhla, aba yizinceku zokusebenza. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa