UJona 2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUmkhuleko kaJona 1 UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esezibilinini zenhlanzi, 2 wathi: “Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula; ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza, wezwa izwi lami. 3 Wangiphonsa ekujuleni, enhliziyweni yolwandle, umfula wangihaqa; onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami. 4 Ngathi mina: ‘Ngixoshiwe emehlweni akho;’ nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele. 5 Amanzi angihaqa kwaze kwaba nasekuphileni kwami, utwa lwangikaka. Umhlanga wathandela ekhanda lami. 6 Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba; imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade. Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini, Jehova Nkulunkulu wami. 7 “Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami, ngamkhumbula uJehova; umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele. 8 “Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo. 9 Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa, ngigcwalise engikuthembisileyo. Ukusindiswa kukuye uJehova.” 10 UJehova wakhuluma kuyo inhlanzi, yamhlanzela uJona emhlabathini owomileyo. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa