UJobe 32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEU-Elihu uyaqhamuka 1 Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe. 2 Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu. 3 Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe. 4 U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe, ngokuba bona babebadala kunaye. 5 Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe. 6 U-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi: “Mina ngisemusha ngeminyaka, nina nibadala; ngalokho nganginamahloni, ngesaba ukunitshela umqondo wami. 7 Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku, ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’ 8 Nokho kukhona umoya kumuntu; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa. 9 Abakhulu abahlakaniphile, nabadala abaqondi ukwahlulela. 10 “Ngalokho ngithi: Ngizweni; nami ngiyakusho umqondo wami. 11 Bhekani, ngilindele amazwi enu, ngabeka indlebe emiqondweni yenu, nisaphenya eniyakukusho. 12 Nganilalela nina; bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobe nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu. 13 Maningasho ukuthi: ‘Sifumene ukuhlakanipha; uNkulunkulu angamphengulula, hhayi umuntu.’ 14 Akahlelelanga mina amazwi akhe; angiyikumphendula ngezinkulumo zenu. 15 “Bayakhungatheka, abasaphenduli; baphelelwa ngamazwi. 16 Ngibalindele yini, uma bengakhulumi, na? Ngokuba bemi bengasaphenduli. 17 Nami ngiyakuphendula okwami, ngitshengise nami umqondo wami. 18 Ngokuba ngigcwele amazwi; umoya phakathi kwami uyangiqhubezela. 19 Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo; kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha. 20 Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke; ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule. 21 Mangingakhethi ubuso bamuntu, ngingathophi nobani. 22 Ngokuba angikwazi ukuthopha; uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa