Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UJobe 29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


UJobe ukhumbula inhlalo yakhe yakuqala

1 UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:

2 “Sengathi nga nginjengasezinyangeni zakuqala, njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo,

3 lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,

4 yebo, njengasezinsukwini zokuvuthwa kwami, lapho ubuhlobo bukaNkulunkulu babuphezu kwetende lami;

5 lapho uSomandla wabe esenami, nabantwana bami babe besangizungeza;

6 lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga, nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.

7 “Lapho ngaphuma ngaya esangweni ngasemzini, ngalungisa isihlalo sami esigcawini,

8 izinsizwa zangibona, zacasha, nezimpunga zasuka zema,

9 izikhulu zayeka ukukhuluma, zabeka izandla emilonyeni yazo;

10 izwi labakhulu lathuliswa; izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.

11 Lapho indlebe yangizwa, yangibusisa, nalapho iso langibona, langifakazela.

12 Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo kanye nentandane engenamsizi.

13 Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami; ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.

14 Ngembatha ukulunga, kwaba yisambatho kimi; ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi.

15 Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga.

16 Nganginguyise wabampofu; indaba yengingamaziyo ngayiphenya.

17 Ngaphula imihlathi yowonayo, ngahlwitha impango emazinyweni akhe.

18 “Ngase ngithi: ‘Ngiyakufa esidlekeni sami, ngandise izinsuku zami zibe ngangesihlabathi.

19 Impande yami iyazivulela amanzi; amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;

20 udumo lwami lusha njalo kimi, umnsalo wami wenziwa musha esandleni sami.’

21 “Abantu bangilalela belinda; bathula ngesiluleko sami.

22 Emva kwamazwi ami ababe besakhuluma; amazwi ami aconsela phezu kwabo.

23 Bangilindela njengemvula; bangikhamisela imilomo yabo njengokukhamisela imvula yamuva.

24 Ngabahleka bengenakukholwa; ukukhanya kobuso bami kabakufiphazanga.

25 Uma ngangikhethile izindlela zabo, ngangiyakuhlala emqoka, ngahlalisa okwenkosi empini, njengoduduza abalilayo.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan