UJobe 29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUJobe ukhumbula inhlalo yakhe yakuqala 1 UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi: 2 “Sengathi nga nginjengasezinyangeni zakuqala, njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo, 3 lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe, 4 yebo, njengasezinsukwini zokuvuthwa kwami, lapho ubuhlobo bukaNkulunkulu babuphezu kwetende lami; 5 lapho uSomandla wabe esenami, nabantwana bami babe besangizungeza; 6 lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga, nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha. 7 “Lapho ngaphuma ngaya esangweni ngasemzini, ngalungisa isihlalo sami esigcawini, 8 izinsizwa zangibona, zacasha, nezimpunga zasuka zema, 9 izikhulu zayeka ukukhuluma, zabeka izandla emilonyeni yazo; 10 izwi labakhulu lathuliswa; izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo. 11 Lapho indlebe yangizwa, yangibusisa, nalapho iso langibona, langifakazela. 12 Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo kanye nentandane engenamsizi. 13 Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami; ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula. 14 Ngembatha ukulunga, kwaba yisambatho kimi; ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi. 15 Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga. 16 Nganginguyise wabampofu; indaba yengingamaziyo ngayiphenya. 17 Ngaphula imihlathi yowonayo, ngahlwitha impango emazinyweni akhe. 18 “Ngase ngithi: ‘Ngiyakufa esidlekeni sami, ngandise izinsuku zami zibe ngangesihlabathi. 19 Impande yami iyazivulela amanzi; amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami; 20 udumo lwami lusha njalo kimi, umnsalo wami wenziwa musha esandleni sami.’ 21 “Abantu bangilalela belinda; bathula ngesiluleko sami. 22 Emva kwamazwi ami ababe besakhuluma; amazwi ami aconsela phezu kwabo. 23 Bangilindela njengemvula; bangikhamisela imilomo yabo njengokukhamisela imvula yamuva. 24 Ngabahleka bengenakukholwa; ukukhanya kobuso bami kabakufiphazanga. 25 Uma ngangikhethile izindlela zabo, ngangiyakuhlala emqoka, ngahlalisa okwenkosi empini, njengoduduza abalilayo. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa