Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UJobe 26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


UJobe uphendula inkulumo yesithathu kaBilidadi: uyabazi naye ubukhulu bukaNkulunkulu njengoBilidadi

1 Wayesephendula uJobe, wathi:

2 “Usizile kanjani ongenamandla! Usindisile kanjani ingalo engenamandla?

3 Umlulekile kanjani ongenakuhlakanipha! Umemezile kangakanani ukuqonda!

4 Utshelwe ngubani lawo mazwi, nomoya kabani waphuma kuwe, na?

5 “Izithunzi ziyathuthumela phansi kwamanzi kanye nabakhelwane bawo.

6 Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe, nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.

7 Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho; uphanyeka umhlaba phezu kweze.

8 Ubopha amanzi emafwini akhe; ifu alidabuki phansi kwawo.

9 Uyasibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi; uyeneka ifu lakhe phezu kwaso.

10 Uyingiliza ngomudwa phezu kobuso bamanzi, kuze kuphele ukukhanya ebumnyameni.

11 Izinsika zezulu ziyathuthumela; ziyethuswa ngokukhuza kwakhe.

12 Ngamandla akhe uyanyakazisa amanzi; ngokuqonda kwakhe uyachitha uRahabi.

13 Ngokuphefumula kwakhe izulu liyakhazimula; isandla sakhe sigwazile inyoka esheshayo.

14 Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe, izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye; indumo yamandla akhe, ngubani obeyakuyiqonda na?”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan