Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UJobe 24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


UJobe ukhala ukuthi abangenakuzivikela bayahlushwa

1 “Kungani ukuba uSomandla angazibekeleli izikhathi zokwahlulela, abamaziyo babone imihla yakhe, na?

2 Imincele iyasuswa; bahlwitha imihlambi, bayiklabise.

3 Bamukisa imbongolo yezintandane, nenkomo yomfelokazi bayayithatha ibe yisibambiso.

4 Bafuzula abaswelayo endleleni; abampofu bomhlaba bacasha ndawonye.

5 Bheka, njengezimbongolo ehlane bayaphumela emisebenzini yabo befunisisa ukudla; ihlane lingukudla kwabo abakunika abantwana babo.

6 Emasimini bavuna ifoliji;* bakhothoza esivinini somubi.

7 Ebusuku balala nqunu bengenangubo, bengenanto yokuzisibekela emakhazeni.

8 Bamanzi ngezihlambi zasezintabeni; basingatha idwala bengenasiphephelo.

9 Intandane ihlwithwa ebeleni, nengane yompofu ithathwa ibe yisibambiso,

10 bahambe nqunu bengenangubo, bethwele izithungu, belambile.

11 Benza amafutha phakathi kwezingange zabahluphi; banyathela izikhamo zewayini, kepha bayoma.

12 Bexoshwe emzini abafayo bayabubula; imiphefumulo yabalimeleyo iyakhala, kepha uNkulunkulu akanaki lokho okubi.

13 “Bakhona abakuhlubukile ukukhanya; abazi indlela yakho, abanamatheli emikhondweni yakho.

14 Umbulali uvuka ekuseni, abulale ompofu noswelayo; ebusuku unjengesela.

15 Iso lesiphingi libheka ukuhlwa ngokuthi: ‘Malingangiboni iso,’ sisithe ubuso baso.

16 Bafohla izindlu sekumnyama; emini bayazivalela; ukukhanya abakwazi.

17 Ngokuba ithunzi lokufa kubo bonke labo linjengokusa, lokhu beyazi ingebhe yethunzi lokufa.

18 “Banejubane ebusweni bamanzi; izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni; abasayikuphendukela endleleni yezivini.

19 Ukoma nokushisa kuyaqeda amanzi eqhwa; kanjalo indawo yabafileyo labo abonileyo.

20 Isizalo siyamkhohlwa; izimpethu ziyamsobozela; akasayikukhunjulwa; ukungalungi kuyaphulwa njengomuthi.

21 Uyayidla inyumba engazaliyo; akenzeli umfelokazi okuhle.

22 Uyadonsa namaqhawe ngamandla akhe; uyavuka; akakho osenethemba lokuphila.

23 UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.

24 Bayaphakanyiswa; emva kwesikhashana abasekho; bayaphela njengabanye, bafe; babuna njengezihloko zezikhwebu.

25 “Uma kungenjalo, ngubani ongangenza onamanga, awenze ize amazwi ami, na?”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan