UJobe 16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUJobe uphendula inkulumo yesibili ka-Elifazi: uyahlupheka engenacala; ezulwini kukhona ufakazi 1 Wayesephendula uJobe, wathi: 2 “Ngizwile izinto eziningi ezinjalo; nina nonke ningabaduduzi ababi. 3 Amazwi angumoya nje awayikuphela yini? Ucunulwa yintoni ukuba uphendule na? 4 Nami ngingakhuluma njengani; uma imiphefumulo yenu ibisesikhundleni somphefumulo wami, bengiyakuhlanganisa amazwi ngani, ngininikinele ikhanda lami. 5 Benginganiqinisa ngomlomo, induduzo yezindebe zami inidambise. 6 “Noma ngikhuluma, ubuhlungu bami abudanjiswanga; noma ngiyeka, kuyini okumuka kimi na? 7 Kepha manje ungikhathazile, uyichithile yonke indlu yami. 8 Ungicindezele, kungubufakazi; ukonda kwami kuyangivukela, kufakaze ebusweni bami. 9 Ulaka lwakhe luyangidwengula, lungizingele; uyangigedlela amazinyo; isitha sami singicijisela amehlo aso. 10 Bangikhamisela imilomo yabo, bangimukula esihlathini ngenhlamba, bangihlanganyela. 11 UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo, angiphonse esandleni sababi. 12 Ngangihlezi kahle, wangichoboza; wangibamba ngentamo, wangiphahlaza; wangimisa ngibe yisigcibisholo. 13 Abacibishelayo bakhe bangihaqa; uyaqhekeza izinso zami engenasihawu; uchithela inyongo yami emhlabathini. 14 Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi, angidumele njengeqhawe. 15 “Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami. ngingcolisile uphondo lwami othulini. 16 Ubuso bami bubomvu ngokukhala; ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa, 17 noma kungekho ubudlova ezandleni zami nokukhuleka kwami kulungile. 18 Mhlaba, ungathukusi igazi lami; ukukhala kwami makungabi nandawo. 19 Namanje bheka, ufakazi wami usezulwini; ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo. 20 Abangane bami bayangiklolodela; iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu 21 ukuba amphikele umuntu kuNkulunkulu nendodana yomuntu kumakhelwane wayo. 22 Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa, ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa