UJeremiya 24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEAmaqoma amabili amakhiwane 1 UJehova wangibonisa amaqoma amabili amakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaJehova, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, esethumbile uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi, wabasusa eJerusalema, wabayisa eBabele. 2 Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane ayingqalabutho; elinye iqoma lalinamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa ngobubi bawo. 3 Wayesethi uJehova kimi: “Ubonani, Jeremiya, na?” Ngathi: “Amakhiwane; amahle, ngamahle kakhulu, namabi ngamabi kakhulu, enganakudliwa ngobubi bawo.” 4 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 5 “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubheka kanjalo abathunjiweyo bakwaJuda, engibamukisile kule ndawo baya ezweni lamaKaledi, kube kuhle. 6 Ngiyakuwabhekisa amehlo ami kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli zwe, ngibakhe ngingabadilizi, ngibatshale ngingabasiphuli. 7 Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova; bayakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke. 8 “ ‘Kepha njengamakhiwane amabi engenakudliwa ngobubi bawo, impela kanjalo,’ usho kanje uJehova, ‘ngiyakwenza kuSedekiya inkosi yakwaJuda, nasezikhulwini zakhe, nakuyo insali yaseJerusalema, abasele kuleli zwe nabakhile ezweni laseGibithe. 9 Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo. 10 Ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.’ ” |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa