Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UHezekeli 9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukwahlulela kukaNkulunkulu

1 Wayesememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, ethi: “Mazisondele izijeziso zomuzi, kube yilowo nalowo abe nezikhali zokubulala esandleni sakhe.”

2 Bheka, kwafika amadoda ayisithupha evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo, enye phakathi kwawo yembethe ilineni, inophondo lukayinki* womlobi ngasokhalweni lwayo. Angena, ema ngaseceleni le-altare lethusi.

3 Inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayenyukile ekherubini* eyayiphezu kwalo, yaya embundwini wendlu, wayibiza indoda eyembethe ilineni, eyayinophondo lukayinki* womlobi ngasokhalweni lwayo.

4 UJehova wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi kweJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.”

5 Kwamanye washo ezindlebeni zami, wathi: “Dabulani emzini emva kwayo, nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi nabubele,

6 nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu, niqale endlini yami engcwele.” Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.

7 Wathi kuwo: “Ngcolisani indlu, nigcwalise amagceke ngababuleweyo. Phumani!” Aphuma, abulala emzini.

8 Kwathi esabulala, kwasala mina; ngawa ngobuso, ngakhala ngathi: “Maye, Nkosi Jehova! Uyakubulala yonke insali yakwa-Israyeli ekutheleni kwakho ukufutheka kwakho phezu kweJerusalema na?”

9 Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu kakhulu impela, nezwe ligcwele igazi, nomuzi ugcwele ukuhlanekezela, ngokuba bathi: ‘UJehova ulishiyile izwe, uJehova akakuboni.’

10 Nami-ke, iso lami aliyikubahawukela, ngingabi nabubele, kepha ngiyakwehlisela indlela yabo phezu kwekhanda labo.”

11 Bheka, indoda eyembethe ilineni, inophondo lukayinki* ngasokhalweni lwayo, yabuyisa izwi, yathi: “Ngenzile njengokungiyala kwakho.”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan