UHezekeli 41 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE1 Wayesengingenisa ethempelini, walinganisa izinsika, ububanzi buyizingalo eziyisithupha ngalapha, ububanzi buyizingalo eziyisithupha nangalapha, ububanzi betabernakele.* 2 Ububanzi bomnyango babuyizingalo eziyishumi; amacele omnyango ayeyizingalo eziyisihlanu ngalapha nezingalo eziyisihlanu ngalapha; walinganisa ubude balo: yizingalo ezingamashumi amane; nobubanzi balo: yizingalo ezingamashumi amabili. 3 Wayesengena phakathi, walinganisa izinsika zomnyango: yizingalo ezimbili; nomnyango: yizingalo eziyisithupha; nobubanzi bomnyango: yizingalo eziyisikhombisa. 4 Walinganisa ubude bokuphakathi: yizingalo ezingamashumi amabili; nobubanzi: yizingalo ezingamashumi amabili phambi kwethempeli; wathi kimi: “Lokhu kuyindawo engcwele kakhulu.” 5 Wayeselinganisa udonga lwendlu: yizingalo eziyisithupha; nobubanzi bamakamelo ezinhlangothi: yizingalo ezine nxazonke zendlu emaceleni onke. 6 Amakamelo ezinhlangothi ayemathathu elakanyene elinye phezu kwelinye, engamashumi amathathu ngomumo. Angena odongeni olwalungolwendlu lwamakamelo ezinhlangothi nxazonke ukuba abambelele kulo, angabambeleli odongeni lwendlu. 7 Amakamelo ezinhlangothi aba banzi ekukhuphukeni njalo nxazonke, ngokuba okuzungeza indlu kwakhuphuka njalo nxazonke zendlu; ngalokho indlu yaba banzi ekukhuphukeni njalo; kwakhushukwa ekamelweni eliphansi kwaze kwaba kweliphezulu ngeliphakathi. 8 Ngabona ukuthi indlu yayinendunduma nxazonke; izisekelo zamakamelo ezinhlangothi zaziluhlanga olupheleleyo lwezingalo eziyisithupha kuze kube sekuhlanganisweni phezulu. 9 Uhlonze lodonga olwalungolwamakamelo ezinhlangothi ngaphandle lwaluyizingalo eziyisihlanu; indawo eseleyo yayingeyamakamelo ezinhlangothi endlu. 10 Phakathi kwamakamelo kwakukhona ububanzi obuyizingalo ezingamashumi amabili nxazonke zendlu emaceleni onke. 11 Iminyango yamakamelo ezinhlangothi yayibheke endaweni eseleyo, omunye umnyango ngasenyakatho nomunye umnyango ngaseningizimu; ububanzi bendawo eseleyo babuyizingalo eziyisihlanu nxazonke. 12 Isakhiwo esasiphambi kwendawo eyahlukanisiweyo ngasentshonalanga, ububanzi baso babuyizingalo ezingamashumi ayisikhombisa; uhlonze lodonga lwendlu lwaluyizingalo eziyisihlanu nxazonke, nobude balo buyizingalo ezingamashumi ayisishiyagalolunye. 13 Wayeselinganisa indlu, ubude bayo buyizingalo eziyikhulu; indawo eyahlukanisiweyo nesakhiwo kanye nezindonga zaso, ubude bakho babuyizingalo eziyikhulu, 14 nobubanzi bobuso bendlu kanye nendawo eyahlukanisiweyo ngasempumalanga: yizingalo eziyikhulu. 15 Wayeselinganisa ubude besakhiwo phambi kwendawo eyahlukanisiweyo eyayisemva kwaso nemipheme yayo ngalapha nangalapha: yizingalo eziyikhulu, nethempeli elingaphakathi, nemipheme yegceke, 16 imibundu, namafasitele avaliweyo, nemipheme nxazonke eyelakanyene kathathu malungana nombundu, kwembeswe umuthi nxazonke, kusukela phansi kuze kube semafasiteleni; amafasitele ayemboziwe; 17 kuze kube phezu komnyango nasendlini engaphakathi, nangaphandle, nakulo lonke udonga nxazonke ngaphakathi nangaphandle kwakulinganisiwe, 18 kwenziwe ngamakherubi* nangamasundu; isundu laliphakathi kwekherubi nekherubi, ikherubi lilinye linobuso obubili; 19 kwakungubuso bomuntu bubheke isundu ngalapha, nobuso bebhongo lengonyama bubheke isundu ngalapha; kwakwenziwe kanjalo kuyo yonke indlu nxazonke. 20 Kusukela phansi kuze kube phezu komnyango kwakwenziwe amakherubi* namasundu, kanjalo nasodongeni lwethempeli. 21 Ithempeli-ke, izinsika zomnyango zazinezinhlangothi ezine, nobuso bendawo engcwelengcwele, isimo sabo sasinjengesimo sethempeli. 22 I-altare lalingumuthi, ukuphakama kwalo kuyizingalo ezintathu, nobude balo buyizingalo ezimbili; lalinamagumbi; ubude balo nezindonga zalo kwakungumuthi; wathi kimi: “Lokhu kuyitafula eliyakuba ngaphambi kukaJehova.” 23 Ithempeli nendawo engcwelengcwele kwakunezivalo ezimbili. 24 Izivalo zazinezicabha ezimbili, izicabha ezimbili eziphendukayo, ezimbili ngezesinye isivalo, nezicabha ezimbili ngezesinye. 25 Kwakwenziwe kuzo, ezivalweni zethempeli, amakherubi* namasundu njengokwenziwe ezindongeni; kwakukhona isivikelo somuthi phezu kompheme ngaphandle. 26 Kwakukhona amafasitele avaliweyo namasundu ngalapha nangalapha emaceleni ompheme, nasemakamelweni ezinhlangothi zendlu, nasesivikelweni. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa