UGenesise 49 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUJakobe ubusisa amadodana akhe 1 UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo. 2 “Qoqanani, nizwe, nina madodana kaJakobe, nimlalele u-Israyeli uyihlo. 3 “Rubeni, uyizibulo lami wena, amandla ami, ukuqala kwezikhwepha zami, ingqongqo ngesithunzi, ingqongqo ngamandla. 4 Uyachichima njengamanzi, awuyikuba nabungqongqo, ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona; wakhwela okhukhweni lwami. 5 “OSimeyoni noLevi bayizelamani; izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu. 6 Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha. 7 Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokuba lwalunamandla, nentukuthelo yabo, ngokuba yayinonya; ngizakubahlukanisa kwaJakobe, ngibasakaze kwa-Israyeli. 8 “Juda, abafowenu bazakukudumisa wena; isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho; amadodana kayihlo ayakukukhothamela. 9 UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni, ndodana yami. Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi; ngubani oyakumvusa na? 10 Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela. 11 Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini, ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle; uhlanza izingubo zakhe ewayinini, nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini. 12 Amehlo akhe ayaklwela iwayini, amazinyo akhe amhlophe ubisi. 13 “UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle, abe sosebeni lwemikhumbi; umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni. 14 “U-Isakare uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya. 15 Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle, nezwe ukuthi limnandi; wafolisa ihlombe ukuba athwale, waba yinceku yempoqo. 16 “UDani uyakuthetha amacala abantu bakhe, njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli. 17 UDani uyakuba yinyoka endleleni, inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi, awe nyovane olikhweleyo. 18 “Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova. 19 “UGadi, iviyo liyakumcindezela, kepha yena uyakucindezela isithende salo. 20 “Ku-Asheri kuvela amanoni abe ngukudla kwakhe; uyakuveza isilovela samakhosi. 21 UNafetali uyindluzelekazi ethukululekileyo; uveza amazwi amnandi. 22 “UJosefa uyingatsha entsha ethelayo, ingatsha ethela ngasemthonjeni; amagatsha akhe akhwela odongeni. 23 Abacibishelayo bayamkhathaza, bayamdubula, bayamzingela; 24 kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile; amandla ezandla zakhe aqiniswa ngezandla zoMninimandla kaJakobe, okuvela kuye uMalusi netshe lika-Israyeli, 25 ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza, ngoSomandla ozakukubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nangezibusiso zasotweni olukhona phansi, nangezibusiso zamabele nezesizalo. 26 Izibusiso zikayihlo zinamandla kunezibusiso zawokhokho bami, kuze kube semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo; ziyakuba phezu kwekhanda likaJosefa phakade, nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo. 27 “UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo; ekuseni uyadla impango, kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.” 28 Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe. 29 Wabayala, wathi kubo: “Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti, 30 umhume osensimini yaseMakaphela eliphambi kweMamre ezweni laseKhanani, awuthenga u-Abrahama kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yakhe yokumbela; 31 lapho bembela o-Abrahama noSara umkakhe; lapho bembela o-Isaka noRebeka umkakhe; lapho ngembela uLeya; 32 insimu nomhume okuyo okwathengwa kubantwana bakwaHeti.” 33 UJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe waqoqela izinyawo zakhe embhedeni, wagqibuka, wabuthelwa kubantu bakhe. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa