UGenesise 4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEOKayini no-Abela 1 U-Adamu wamazi umkakhe u-Eva; wakhulelwa, wazala uKayini;* wathi: “Ngitholile indoda kuJehova.” 2 Waphinda wazala u-Abela umfowabo. U-Abela waba ngumalusi, uKayini waba ngumlimi. 3 Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi. 4 Naye u-Abela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe. 5 Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala. 6 UJehova wathi kuKayini: “Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na? 7 Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na? Uma ungenzi kahle, isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.” 8 UKayini wakhuluma ku-Abela umfowabo, wathi: “Masiye endle.” Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala. 9 Wayesethi uJehova kuKayini: “Uphi umfowenu u-Abela na?” Wathi: “Angazi; ngingumlindi womfowethu na?” 10 Khona wathi: “Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini. 11 Usuqalekisiwe emhlabathini ovulile umlomo wawo ukwamukela igazi lomfowenu esandleni sakho. 12 Uma ulima umhlabathi, awusayikukunika isithelo sawo; wena uyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni.” 13 Khona wathi uKayini kuJehova: “Isono sami sikhulu kunokuba ngisithwale. 14 Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba, ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni, ongifumanayo angibulale.” 15 Kepha uJehova wathi kuye: “Ngalokho obulala uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa.” UJehova wabeka uphawu kuKayini, funa omfumanayo ambulale. 16 Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova, wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene. Inzalo kaKayini 17 UKayini wamazi umkakhe; wakhulelwa, wazala u-Enoke. Wakha umuzi, wawuqamba igama lokuthi u-Enoke ngegama lendodana yakhe. 18 U-Enoke wazala u-Irade; u-Irade wazala uMehujayele; uMehujayele wazala uMetushayele; uMetushayele wazala uLameka. 19 ULameka wazithathela abafazi ababili; igama lomunye lalingu-Ada, igama lomunye lalinguSila. 20 U-Ada wazala uJabale; yena waba nguyise wabahlala ematendeni, befuya izinkomo. 21 Igama lomfowabo lalinguJubale; yena waba nguyise wabo bonke ababetha ihabhu* nomtshingo. 22 USila wazala uThubali Kayini; wayengumkhandi wazo zonke izinto zethusi nezensimbi ezisikayo. Udadewabo kaThubali Kayini wayenguNahama. 23 ULameka wathi kubo abafazi bakhe: “Ada noSila, yizwani izwi lami; nina bafazi bakaLameka, lalelani ukusho kwami: Bhekani, ngibulala umuntu ngenxeba engilitholayo, nensizwa ngomvimbo engiwuzwiswayo. 24 Yebo, uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa, kepha uLameka kamashumi ayisikhombisa, aphindwe kasikhombisa.” 25 U-Adamu wabuye wamazi umkakhe; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti, ethi: “UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika-Abela, njengokuba uKayini umbulele.” 26 Naye uSeti wazala indodana, wayiqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa