UGenesise 35 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUJakobe eseBethele 1 UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBethele, uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i-altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.” 2 Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye: “Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu, nizihlambulule nina, niziphendulele izingubo zenu, 3 sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare, yena owangiphendula ngosuku lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engangiyihamba.” 4 Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwe-oki* elalingaseShekemi. 5 Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe. 6 UJakobe wafika eLuze elisezweni laseKhanani eliyiBethele, yena kanye nabantu bonke ababe naye. 7 Wakha khona i-altare, wayibiza indawo ngokuthi i-Eli Bethele, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo. 8 UDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa ngenzansi neBethele phansi kwe-oki;* igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibakuti.* Ukuzalwa kukaBenjamini nokufa kukaRaheli 9 UNkulunkulu wabuye wabonakala kuJakobe, lapho evela ePhadani Aramu, wambusisa. 10 UNkulunkulu wathi kuye: “Igama lakho linguJakobe, igama lakho alisayikuthiwa uJakobe; igama lakho lizakuba ngu-Israyeli,” wayeseqamba igama lakhe ngokuthi u-Israyeli. 11 UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho; 12 izwe engabapha lona o-Abrahama no-Isaka, ngiyakulinika wena; nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona.” 13 UNkulunkulu wenyuka esuka kuye endaweni lapho ebekhulume naye khona. 14 UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona, insika yetshe; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa, wathela namafutha phezu kwayo. 15 UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele. 16 Base besuka eBethele; kwakuse yibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima. 17 Kwathi esenemihelo enzima, umbelethisi wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uzakuba nenye indodana futhi.” 18 Usuzakuphuma umphefumulo wakhe, ngokuba wafa, waqamba igama lakhe ngokuthi uBenoni; kepha uyise wamqamba ngokuthi uBenjamini. 19 Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema. 20 UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe, eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla. 21 U-Israyeli wasuka, wamisa itende lakhe ngaphambi kombhoshongo wase-Edere. 22 Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili. Amadodana kaJakobe nokufa kuka-Isaka 23 Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni. 24 Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini. 25 Amadodana kaBiliha incekukazi kaRaheli ayengoDani noNafetali. 26 Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no-Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu. 27 UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre ngaseKiriyati Araba, okuyiHebroni, lapho o-Abrahama no-Isaka kade bebegogobele khona. 28 Izinsuku zika-Isaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili. 29 U-Isaka wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe, emdala esanelisiwe yizinsuku. O-Esawu noJakobe amadodana akhe bammbela. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa