UGenesise 25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEAmadodana ka-Abrahama kuKetura. Ukufa kuka-Abrahama 1 U-Abrahama waphinda wathatha umfazi ogama lakhe linguKetura. 2 Wamzalela oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa. 3 UJokishani wazala oSheba noDedani. Amadodana kaDedani ayengama-Ashuri, namaLetushi, namaLewumi. 4 Amadodana kaMidiyani ayengo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babengamadodana kaKetura. 5 U-Abrahama wamnika u-Isaka konke anakho. 6 Kepha amadodana ezancinza zika-Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga. 7 Lezi ziyizinsuku zeminyaka yokuhamba kuka-Abrahama azihambayo: iminyaka eyikhulu namashumi ayisikhombisa nanhlanu. 8 U-Abrahama wagqibuka wafa, esemdala egugile, esanelisiwe yizinsuku, wabuthelwa kubantu bakhe. 9 O-Isaka no-Ishmayeli amadodana akhe bammbela emhumeni waseMakaphela, ensimini ka-Efroni indodana kaSowari umHeti engaphambi kweMamre, 10 insimu ayithenga u-Abrahama kubo abantwana bakwaHeti; khona wembelwa u-Abrahama noSara umkakhe. 11 Kwathi emva kokufa kuka-Abrahama uNkulunkulu wambusisa u-Isaka indodana yakhe; u-Isaka wahlala eBeri Lahayi Royi. Inzalo ka-Ishmayeli 12 Lezi ziyizizukulwane zika-Ishmayeli indodana ka-Abrahama, uHagari waseGibithe incekukazi kaSara amzalela zona u-Abrahama. 13 Lawa angamagama amadodana ka-Ishmayeli ngamagama awo nangokuzalwa kwawo: izibulo lika-Ishmayeli nguNebayoti, kanye noKedari, no-Adibeli, noMibisamu, 14 noMishima, noDuma, noMasa, 15 noHadadi, noThema, noJeturu, noNafishi, noKhedema; 16 yilawo angamadodana ka-Ishmayeli, yilawo angamagama awo ngemizi yawo nangezikaniso zawo, izikhulu eziyishumi nambili ngezizwe zawo. 17 Le iyiminyaka yokuhamba kuka-Ishmayeli: iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa; wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe. 18 Bahlala-ke kwasukela eHavila kwaze kwaba seShuri elingaphambi kwaseGibithe ekuhambeni ukuya e-Asiriya; wakha ngasempumalanga kwabafowabo. Ukuzalwa kuka-Esawu noJakobe 19 Lezi ziyizizukulwane zika-Isaka indodana ka-Abrahama: u-Abrahama wazala u-Isaka; 20 u-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe. 21 U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa. 22 Abantwana baqhubukushana phakathi kwakhe; wathi: “Uma kunje, ngisekhona ngani na?” Waya wabuza kuJehova. 23 UJehova wathi kuye: “Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili; izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho; esinye isizwe siyakwahlula esinye, omkhulu akhonze omncane.” 24 Kwathi seziphelele izinsuku zakhe zokubeletha, bheka, kwakukhona amawele esiswini sakhe. 25 Waphuma owokuqala, ebomvana wonke umzimba, enjengengubo yoboya; baqamba igama lakhe ngokuthi u-Esawu. 26 Emva kwalokho kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sibambelele esithendeni sika-Esawu; igama lakhe labizwa ngokuthi uJakobe;* u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo. 27 Abafana bakhula; u-Esawu waba yiphisi, umuntu wasendle; uJakobe waba yibeka, ehlala ematendeni. 28 U-Isaka wamthanda u-Esawu, ngokuba wayedla inyama yenyamazane yakhe; uRebeka wamthanda uJakobe. 29 Kwathi uJakobe wapheka ukudla, kwafika u-Esawu evela endle, ediniwe. 30 U-Esawu wathi kuJakobe: “Ake ungiphe ukuba ngidle kokubomvu, kulokho okubomvu, ngokuba sengidiniwe,” ngalokho igama lakhe lathiwa u-Edomi.* 31 Wayesethi uJakobe: “Thengisa kimi namuhla ngefa lobuzibulo bakho.” 32 Wathi u-Esawu: “Bheka, sengizakufa; linosizo luni kimi ifa lobuzibulo bami na?” 33 UJakobe wathi: “Funga kimi namuhla.” Wayesefunga kuye, wathengisa ngefa lobuzibulo bakhe kuJakobe. 34 UJakobe wamupha u-Esawu isinkwa nokudla kwembumba; wadla, waphuza, wavuka, wahamba; wadelela kanjalo u-Esawu ubuzibulo bakhe. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa