UGenesise 15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEIsivumelwano sikaJehova no-Abrama 1 Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.” 2 Kepha u-Abrama wathi: “Nkosi Jehova, uyakungiphani na? Ngihamba ngingenamntwana; indlalifa yendlu yami ingu-Eliyezeri waseDamaseku.” 3 U-Abrama wathi futhi: “Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, inceku yendlu yami iyakuba yindlalifa yami.” 4 Bheka, izwi likaJehova leza kuye, lathi: “Lona akayikudla ifa lakho, kepha oyakuphuma ezibilinini zakho uyakudla ifa lakho.” 5 Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.” 6 Wakholwa nguJehova; wambalela lokho kwaba ngukulunga. 7 Wayesethi kuye: “NginguJehova owakuphumisa e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe libe yifa lakho.” 8 Wathi: “Nkosi Jehova, ngiyokwazi ngani ukuthi ngiyakulidla na?” 9 Wathi kuye: “Ngithabathele isithokazi esineminyaka emithathu, nembuzi eyinsikazi eneminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe, nephuphu lejuba.” 10 Wamthathela zonke lezo, wazinquma phakathi, wabeka kwaba yileyo naleyo nxenye ukuba ibhekane nenye; kepha izinyoni akazinqumanga. 11 Amanqe ehlela phezu kwezidumbu; u-Abrama wawaxosha. 12 Kwathi ngokushona kwelanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu. 13 Wathi ku-Abrama: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane. 14 Kepha leso sizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi. 15 Kepha wena uyakuya koyihlo ngokuthula, umbelwe usumdala. 16 Esizukulwaneni sesine iyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.” 17 Kwathi ngokushona kwelanga kwaba mnyama, bheka, nanto iziko elithunqayo, nelangabi lomlilo ladabula phakathi kwalezo zinxenye. 18 Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe: 19 amaKheni, namaKhenizi, namaKadimoni, 20 namaHeti, namaPherizi, namaRefa, 21 nama-Amori, namaKhanani, namaGirigashi, namaJebusi.” |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa