UEksodusi 2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkuzalwa nokukhuliswa kukaMose 1 Kwasuka umuntu wendlu kaLevi, wathatha indodakazi kaLevi. 2 Wakhulelwa lowo mfazi, wazala indodana; esebonile ukuthi inhle, wayithukusa izinyanga ezintathu. 3 Engasenakuyithukusa wayithathela ibhokisi lebungu, walihuqa ngebitume* nangekolitayi,* wamfaka umfana kulo, walibeka emhlangeni ngasogwini lomfula. 4 Udadewabo wayemi kudana, ukuze azi ukuthi kuyakwenziwani kuye. 5 Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda. 6 Yalivula, yabona umntwana; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: “Lona ungowabantwana bamaHeberu.” 7 Udadewabo wayesethi kuyo indodakazi kaFaro: “Ngihambe ngikubizele umzanyana kuwo amaHeberu ukuba akuncelisele ingane na?” 8 Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba.” Yasuka intombazana, yabiza unina wengane. 9 Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba nalo mntwana, ungincelisele yena; ngizakukukhokhela.” Owesifazane wamthatha-ke umntwana, wamncelisa. 10 Umfana wakhula, wayiswa kuyo indodakazi kaFaro, waba yindodana yayo. Yamqamba igama lokuthi uMose, ithi: “Ngokuba ngamkhipha emanzini.” Ukubaleka kukaMose 11 Kwathi ngalezo zinsuku uMose esekhulile, waphuma, waya kubafowabo, wabuka imithwalo yabo; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu, omunye wabafowabo. 12 Waphendukela ngalapha nangalapha; esebonile ukuthi akukho muntu, wambulala owaseGibithe, wamthukusa esihlabathini. 13 Waphuma nangosuku olulandelayo; bheka, nanko amadoda amabili amaHeberu exabene; wathi kowonileyo: “Umshayelani owakini na?” 14 Wathi yena: “Ngubani okumise induna nomahluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe, na?” UMose wayesesaba, ethi: “Impela le ndaba iyazeka.” 15 UFaro esekuzwile lokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, wahlala ezweni lakwaMidiyani; wahlala phansi ngasemthonjeni. 16 UMpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika ukukha amanzi, agcwalisa imiqengqe eyophuzisa izimvu zikayise. 17 Kwafika abelusi, bawaxosha. Kepha wayesesukuma uMose, wawasiza, waphuzisa izimvu zawo. 18 Lapho esefika kuRehuweli uyise, wathi yena: “Yini ukuba nisheshe nibuye namuhla na?” 19 Athi: “OwaseGibithe usophulile esandleni sabelusi, futhi wasikhelela amanzi, waphuzisa izimvu.” 20 Wathi kuwo amadodakazi akhe: “Uphi yena? Nimshiyeleni na? Mbizeni, eze ukuzokudla.” 21 UMose wazimisela ukuhlala kulowo muntu; wamupha uMose uSipora indodakazi yakhe. 22 Wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu,* ngokuba wathi: “Ngangingumfokazi ezweni elingesilo elami.” 23 Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo. 24 UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe. 25 UNkulunkulu wabona abantwana bakwa-Israyeli, wabanakekela. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa