Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UEksodusi 11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Inhlupheko yeshumi: ukufa kwamazibulo

1 UJehova wayesethi kuMose: “Ngisezakuletha inhlupheko eyodwa kuFaro nakulo iGibithe; ngasemuva uyakunivumela ukuba nisuke lapha; yebo, nxa eniyeka ukuba nihambe, uzakunixosha nokunixosha lapha.

2 Khuluma manje ezindlebeni zabantu ukuba yilowo nalowo mlisa acele kumakhelwane wakhe, yilowo nalowo wesifazane acele kumakhelwane wakhe izinto zesiliva nezinto zegolide.”

3 UJehova wabapha abantu umusa emehlweni abaseGibithe. Futhi lowo muntu uMose wayemkhulu kakhulu ezweni laseGibithe emehlweni ezinceku zikaFaro nasemehlweni abantu.

4 UMose wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngaphakathi kwamabili ngizakuphuma, ngiye phakathi kweGibithe;

5 amazibulo onke asezweni laseGibithe ayakufa, kusukela kulo izibulo likaFaro ohlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lencekukazi engasetsheni lokugaya, kanye namazibulo onke ezinkomo.

6 Kuyakuba khona ukukhala okukhulu ezweni lonke laseGibithe, okungazange kube khona okungangako, okungasayikuba khona futhi okungangako.

7 Kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli akuyikubakho nanja eyakugwavumela umuntu nenkomo,’ ukuze nazi ukuthi uJehova uyahlukanisa iGibithe no-Israyeli.

8 Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla, zifike kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Phuma wena nabantu bonke abakulandelayo; emva kwalokho ngizakuphuma.’ ” Waphuma kuFaro evutha ulaka.

9 Wayesethi uJehova kuMose: “UFaro akayikukulalela ukuba izimangaliso zami zande ezweni laseGibithe.”

10 OMose no-Aroni bazenza zonke lezi zimangaliso ebusweni bukaFaro; uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan