IsiHlabelelo seziHlabelelo 8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE1 Sengathi nga unjengomfowethu owancela amabele kamame! Uma bengikufumana phandle, bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu. 2 Bengiyakukuhola, ngikuyise endlini kamame; ubuyakungifundisa; bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo, amanzi ompomegranati* wami. 3 Isandla sakhe sokhohlo besiyakubaphansi kwekhanda lami, nesokunene sakhe besiyakungigona. 4 Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi. Abangane: 5 Ngubani owenyuka ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Phansi komapula* ngakuvusa; lapho unyoko wayenemihelo ngawe, khona lapho wayenemihelo owakuzalayo. Umakoti: 6 Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, njengophawu engalweni yakho, ngokuba uthando lunamandla njengokufa; isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo; amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi likaJehova. 7 Amanzi amaningi awanakulucima uthando, nemifula ayinakuluminzisa; uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando, nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa. Umakoti nabafowabo. Abangane: 8 Sinodadewethu omncane, kanawo amabele; siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na? 9 Uma elugange, siyakwakha phezu kwakhe umbhoshongwana wesiliva; uma eyisicabha, siyakumvalela ngamapulangwe omsedari.* Umakoti: 10 Ngilugange, namabele ami anjengemibhoshongo; khona ngaba semehlweni akhe njengofumene ukuthula. Ingcebo enkulu kunekaSolomoni 11 USolomoni wayenesivini eBali Hamoni; wasinika isivini kubaphathi; baletha, kwaba yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva ngezithelo zaso. 12 Isivini esingesami siphambi kwami; inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni, namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso. Umyeni nomakoti bayabizana. Umnyeni: 13 Wena ohlala emasimini, abangane balalela izwi lakho; ake ungizwise lona. Umakoti: 14 Shesha, othandiweyo wami, ufane nensephe nesixhumo sendluzele ezintabeni zamakha. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa