Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

IsiHlabelelo seziHlabelelo 6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Abangane:

1 Othandiweyo wakho uyephi, wena muhlekazi phakathi kwabesifazane; ushonephi othandiweyo wakho ukuba simfune kanye nawe na?

2 Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe, ezindimeni zamakha, ukuba aluse ensimini, akhe iminduze.


Umakoti:

3 Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami, lapho alusa phakathi kweminduze.


Umyeni ubabaza umakoti wakhe

4 Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.

5 Susa amehlo akho kimi, ngokuba ayangiphaphathekisa; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi.

6 Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukazi ezikhuphuka zigeziwe, zinamawele zonke, kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.

7 Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati* emva kwemvakazi yakho.

8 Amakhosikazi angamashumi ayisithupha, nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili, nezintombi azinakubalwa.

9 Kepha ijuba lami, opheleleyo wami munye nje; ungoyedwa kunina, ungokhethiweyo wakhe owamzalayo. Amantombazana ayambona, athi ubusisiwe; amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.


Abangane:

10 Ngubani lo olunguza njengokusa, emuhle njengenyanga, ecwebile njengelanga, kepha esabeka njengezimpi, na?


Umnyeni:

11 Ngehlela ensimini yamantongomane ukuyobona uhlaza lwesigodi, nokubona uma imivini iqhakazile, namapomegranati* uma ekhahlele.

12 Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibeka enqoleni yabantu benkosana yami.


Abangane:

13 Phenduka, phenduka, mShulamiti! Phenduka, phenduka ukuba sikubuke! Nibonani kumShulamiti? Kunjengokusina kwaseMahanayimi.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan