Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

NgokukaLuka 18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Umahluleli ongalungile

1 Wabalandisa umfanekiso wokuthi bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali.

2 Wathi: “Kwakukhona emzini othile umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki muntu.

3 Kulowo muzi kwakukhona futhi umfelokazi owayelokhu efika kuye, ethi: ‘Ngizwele esitheni sami.’

4 “Kwaba yisikhathi engavumi; kepha ngasemuva wathi phakathi kwakhe: ‘Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki muntu,

5 nokho-ke ngokuba lo mfelokazi engikhathaza njalo, ngiyakumzwela, funa angizuke ngokufika njalonjalo.’ ”

6 Yayisithi iNkosi: “Yizwani okushiwo ngumahluleli ongalungile.

7 UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na?

8 Ngithi kini: Uzakubezwela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu, imbala iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?”


UmFarisi nomthelisi ethempelini

9 Wayesekhuluma kwabathile ababezethemba ukuthi balungile, bedelela abanye, ebalandisa lo mfanekiso ngokuthi:

10 “Abantu ababili benyukela ethempelini beya kukhuleka, omunye engumFarisi, omunye engumthelisi.

11 UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu: izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.

12 Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kukho konke enginakho.’

13 “Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’

14 “Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.”


Ukubusiswa kwabantwana
( Math. 19:13 ; Mark. 10:13 )

15 Baletha kuye nabantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi bekubona babakhuza.

16 Kodwa uJesu wababizela kuye, wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.

17 Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”


Insizwa enothileyo
( Math. 19:16 ; Mark. 10:17 )

18 Umbusi othile wayesembuza ethi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”

19 Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.

20 Uyayazi imiyalelo ukuthi: ‘Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko.’ ”

21 Kepha wathi: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.”

22 UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into inye: thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”

23 Kuthe ekuzwa lokho, wadabuka impela, ngokuba wayenothile kakhulu.

24 UJesu embona wathi: “Kulukhuni kangakanani kwaba nomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.

25 Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”

26 Abezwayo base bethi: “Pho, kungasindiswa bani na?”

27 Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.”


Umvuzo wokuzidela
( Math. 19:27 ; Mark. 10:28 )

28 Wayesethi uPetru: “Bheka, thina sishiye okwethu, sakulandela.”

29 Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma umkakhe, noma abafowabo, noma abazali, noma abantwana ngenxa yombuso kaNkulunkulu,

30 ongayikwamukeliswa okuphindwe kaningi kulesi sikhathi nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”


UJesu ukhuluma ngokuhlupheka kwakhe
( Math. 20:17 ; Mark. 10:32 )

31 Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka.

32 Ngokuba izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, idunyazwe, ikhafulelwe ngamathe,

33 bayishaye, bayibulale; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.”

34 Kepha bona kabaqondanga lutho lwalokho; lelo zwi lalifihlakele kubo, abakuqondanga obekushiwo.

35 Kwathi esesondela eJeriko, impumputhe ethile yayihlezi ngasendleleni inxiba.

36 Isizwa isixuku sidlula, yabuza ukuthi: “Kuyini lokhu?”

37 Base beyitshela ukuthi: “Kudlula uJesu waseNazaretha.”

38 Yayisimemeza ithi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”

39 Ababehamba phambili bayikhuza ukuba ithule kepha kwayikhona imemeza kakhulu yona, ithi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”

40 Wema-ke uJesu, wayala ukuba ilethwe kuye. Isisondele, wayibuza wathi:

41 “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?” Yathi: “Nkosi, ukuba ngibone.”

42 UJesu wathi kuyo: “Bona! Ukukholwa kwakho kukusindisile.”

43 Yayisibona khona lapho, yamlandela imdumisa uNkulunkulu, nabantu bonke bekubona bamnika uNkulunkulu indumiso.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan