Mathewu 3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkushumayela kukaJohane uMbhapathizi ( Mark. 1:1 ; Luk. 3:1 ; Joh. 1:6 , 19 ) 1 Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhapathizi eshumayela ehlane laseJudiya, ethi: 2 “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!” 3 Ngokuba nguye akhuluma ngaye umprofethi u-Isaya, ethi: “Izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.’ ” 4 Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle. 5 Khona kwaphumela kuye iJerusalema, neJudiya lonke, nezwe lonke laseJordani, 6 babhapathizwa nguye emfuleni iJordani bevuma izono zabo. 7 Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na? 8 Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka. 9 Ningacabangi ukuba ningasho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe. 10 Izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni. 11 “Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo, 12 ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.” Ukubhapathizwa kukaJesu ( Mark. 1:9 ; Luk. 3:21 ) 13 Khona uJesu evela eGalile wafika kuJohane eJordani ukuba azobhapathizwa nguye. 14 Kepha uJohane wamalela wathi: “Yimi engiswela ukubhapathizwa nguwe; wena uza kimi na?” 15 UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Khona wayesemvumela. 16 UJesu esebhapathiziwe wakhuphuka masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, eza phezu kwakhe. 17 Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.” |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa