Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

Mathewu 17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukukhazimuliswa kukaJesu entabeni
( Mark. 9:2 ; Luk. 9:28 )

1 Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa.

2 Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.

3 Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye.

4 Wathatha uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha. Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.”

5 Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”

6 Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu.

7 Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.”

8 Kepha bephakamisa amehlo abo ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa.

9 Besehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningatsheli muntu lowo mbono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.”

10 Bambuza abafundi, bathi: “Pho, basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?”

11 Waphendula wathi: “Nempela u-Eliya uyeza, uyakubuyisela konke.

12 Kepha ngithi kini: U-Eliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.”

13 Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi.


Ukuphulukiswa komfana onesithuthwane
( Mark. 9:14 ; Luk. 9:37 )

14 Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe,

15 wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini.

16 Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.”

17 UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.”

18 UJesu wayeseyikhuza, idemoni laphuma kuyo; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi.

19 Khona kwafika abafundi kuJesu bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?”

20 Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula.

21 Kepha lolo hlobo aluphumi ngaphandle kokuba kube ngokukhuleka nokuzila ukudla.”


UJesu ukhuluma futhi ngokuhlupheka kwakhe. Imali yethempeli
( Mark. 9:30 ; Luk. 9:43 )

22 Besahambahamba eGalile, uJesu wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu;

23 bazakuyibulala, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.” Badabuka kakhulu.

24 Kwathi ukuba bafike eKapernawume, abaqoqi bemali yethempeli beza kuPetru, bathi: “Umfundisi wenu akayitheli imali yethempeli na?”

25 Wathi: “Uyayithela.” Esengene endlini uJesu wamandulela, wathi: “Usho ukuthini, Simoni? Amakhosi omhlaba athatha kubaphi intela nenkokhiso, kumadodana awo noma kubafo, na?”

26 Wathi: “Kubafo.” UJesu wayesethi: “Ngakho-ke amadodana akhululekile.

27 Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala; wothi ukuba uyivule umlomo, uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan